Ukuphatha umuzi eyibhobhodleyana kwenza wagcina esengupapa uwemba


Igama asedume ngalo umhlaba wonke akubanga lula ukulithola kwazise wayesedlule ezimweni ezinzima zempilo. UShungu Wembadio Pene Kikumba odume emculweni ngelikaPapa Wemba wazithola esezibiza ngoPapa nje ngenxa yokuthi kwase kunguye emndenini okwakumele athathe indawo kababa.
Le nkanka yomculi yazalelwa eCongo, esiyaziwa ngeDemocratic Republic of Congo (DRC)enhlokodolobha iKinshasa zili-14 kuNhlangulana wezi-1949. Wayeyizibulo kubazali bakhe yingakho azithola sekumele anakekele izingane zakwabo emuva kokudlula emhlabeni kwabo.
Uyise owabe engumzingeli walwa Empini Yesibili Yomhlaba, kanti unina wayengumculi. Ekukhuleni kwakhe uyise wayengafuni ukuba alandele ezithendeni zikanina abe ngumculi, kodwa kwagcina kungahambanga kanjalo. Unina nguye owayemkhuthaza kakhulu emculweni.
Njengengabaculi abaningi naye uPapa Wemba ikhono lakhe lokucula laqala ukugqama ngesikhathi ecula ekwayeni yebandla lakubo lamaRoma ngeminyaka yawo-1960. Ngaleso sikhathi umculo wawudla lubi eCongo ikakhulukazi emabandleni ngaphambi kokuba izwe lithole inkululeko. Ukuqopha umculo nokuwubhala wakuqala khona esacula ekwayeni yamaRoma. Ekuphumeni kwakhe ebandleni wazihlanganisa neqembu lomculo iZaiko Langa Langa, okwabe kuyibhendi eyayizinze eKinshaza. Udumo lwakhe lwadlondlobala esehola ibhendi. Kungalesi sikhathi lapho azishintsha khona igama wazibiza ngoJules Presley ngenxa yothando lomculo irock. Ezinye zezingoma zale bhendi ezashisa izikhotha futhi zibhalwe nguye uPapa Wemba ngethi, Pauline, C’est la Vérité, Chouchouna neLiwa Ya Somo.
Wayenekhono elingandile lokuxuba umculo wesigqi Asse-Afrika nerock okuba yingxubevange eyayibizwa ngerock-rumba.