Kwakuyikhaya lesibili iNingizimu Afrika kuWambali Mkandawire


Ukufudukela kwakhe eNingizimu Afrika phakathi kweminyaka yama-80’s akubanga yiphutha ngoba ngaleso sikhathi base bebaningi kakhulu abantu baseMalawi abebekuleli.
Emalokishini ikakhulukazi eThekwini lapho kwakunamathuba amaningi emisebenzi, yilapho babegcwele khona baziwa ngamaNyasa okwabe kuyigama elalingacwasi ngoba babedabuka eNyasaland esiyaziwa ngeMalawi. Inkakha yomculi wakuleliya lizwe uWambali Mkandawire wayengalandeli nje kuphela ubizo lwakhe emculweni ngokuza kuleli, kepha wayenezihlobo ezafika kuqala lapha.
Wazalwa zi-10 kuNtulikazi we-1951 aziwa ngelikaMtebeli. Ngaphambi kokugqama kwekhono lakhe emculweni, wayeyisishoshovu somzabalazo ephikisana nenqubo yokuhlukunyezwa kwabantu nguhulumeni kaDkt uHasting Banda owayephethe ngesandla sensimbi. Wayegxile kakhulu emculweni ijazz futhi kuyiwo ayewusebenzisa ngezindlela ezicashile ukudlulisa umyalezo wezepolitiki.
Utuswa ngokundizisela phezulu ifulegi laseMalawi ngeminyaka yawo-1970 ngaphambi kokulishiya leliya lizwe wayozinza eNingizimu Afrika. Ekufikeni kwakhe kuleli wasungula iqembu lomculo elalaziwa ngeFriends First okwathi ngokuhamba kwesikhathi kwaba nokungaboni ngasolinye waphuma kulo wazimela.
EseNingizimu Afrika usebenzisane nabaculi abaningi bakuleli ekwenza lokho umshoshaphansi ngoba ezinye zezingoma zakhe zazingavumelekile ukudlalwa emisakazweni yomphakathi.
Ezinye zezingoma zakhe ezazishisa izikhotha zithumela umyalezo wezepolitiki ngethi, Muli Nane, Ndimba ka Ndimba, Zani Muwone, Nkhujipeleka kanye nethi Ngwisa. Okunye okwakumenza abe nogazi ukuthi wayethi noma ethumela umyalezo esebenzisa izinsimbi, aphinde alandelise ngephimbo. Wayecula kakhulu ngezilimi zesintu, kanti kwezinye izingoma usebenzisa isilungu sodwa.