Now Reading
Ukuphakwa kwamagumgedlela ngapha nangapha sekushaya enyameni kuhulumeni
Dark Light

Ukuphakwa kwamagumgedlela ngapha nangapha sekushaya enyameni kuhulumeni

Ukutshalwa ngapha nangapha kuhle kwembewu kwamagumgedlela ombutho  wezokuvikela wakuleli nguHulumeni muva  nje ezinxushunxushwini ezikhungethe izwe sekuyaqala ukuzwela esabelweni sezimali esiqondene nalo mbutho. Sekube nezimo lapho kudingeke ukuthi kube namasosha aphoqwa ukuthatha  impesheni isikhathi sawo singakashayi ukuze kugwenywe ukudlondlobala kwezindleko.

Izikhala ezi-14 504 obese kuphele iminyaka emihlanu zivulekile kuphoqelekile ukuthi ziqedwe kungaqashwanga muntu kuzo ngenxa yokuntukeka kwemali. Okushiwo abezinhlaka ezisebenzisana nalo mbutho ngukuthi  uhulumeni uzigwazwe ngowakhe ngesimo azithola esekuso. Bathi amasosha asesetshenziswa nalapho engadingeki khona ngoba kuhloswe ukufeza izinhloso zabathile. Baveza ukuthi selokhu kwangena uhulumeni wabantu zibe mbalwa kakhulu izikhathi lapho kusuke kudingwa khona amasosha, uma kuqhathaniswa nangesikhathi samaBhunu lapho ayethunyelwa emphakathini ongahlomile ayobhubhisa.

Izinto zimantwenguntwengu nje, kwaqala  ngokuthi amasosha  aphakwe ezindaweni  zomphakathi ngesikhathi soKhuvethe, okwaba yisenzo esingamukelwanga nguwonkewonke ngoba  kwakungaliwa. Okwalandela lapho kwaba ukutshalwa kwawo futhi ngesikhathi sezibhelu ngoNtulikazi we-2021 KwaZulu-Natal naseGauteng okwadla izigidi. Aphinde atshalwa futhi ngenyanga edlule aze ahoxiswa ngeSonto zili-16 kuMbasa emuva kwemibhikisho ye-Economic Freedom Fighters (EFF), yokuvalwa kwezwe.

Umbiko ngokungahambi kahle kwezinto ekusetshenzisweni kwezimali Zombutho Wezokuvikela sewethulelwe iPhalamende. Okunye okuvela kulo mbiko ukuthi amasosha axebula umkhoma ngemali yokukhokhelwa ngokusebenza isikhathi esengeziwe. Imali yesikhathi esengeziwe nje iyodwa kuthiwa yiyo eholele ekutheni kube nokwenyusa izinhlonzi.

Umbiko uveza ukuthi okunye ukungenelela kube ngukwehliswa kwesibalo sabasebenzi sisuka kuma-73 000 saya kuma-70 000 eminyakeni emithathu eyedlule. NgoMasingana nonyaka isibalo sabaqashwe ngumbutho wezokuvikela besingama-70 866 uma bengabalwa abali-2000 abashiyile ngalesi sikhathi. Iningi kuvela ukuthi lathatha “iphakethe”, kanti kulindeleke ukuthi abanye abangama-470 bashiye onyajeni we-2024/2024

Ngokusho kombiko phakathi  kukaMasingana we-2022 noMasingana nonyaka kushiye inqwaba yabasebenzi abebethatha amaphakethe abanye beshiya ngezizathu ezahlukene okukhombisa ukuthi kukhona okwenziwayo ukulungisa isimo sokunguleka kwezimali.

See Also

Phambilini umbutho wezokuvikela ubuthembele kakhulu kuReserve Force ukwenza eminye yemisebenzi yawo. Ukuncishiswa kwesabelo salolu phiko kusuka ku-2.6 million kwafinyelela ku-1.9 million ngonyaka onyakeni wezimali we-2020/2021 kube ngenye yezindlela zokugwema ukukhula kwezindleko. Noma kunjalo kube nzima ukunqanda ukwanda kwezindleko kokunye ngoba muva nje iningi imali ekhokhiwe ngezinsuku ezengeziwe zokusebenza. Izinsuku zokusebenza kuthiwa ze ngama-671 096 ngenxa yokutshalwa kwamasosha ngapha nangapha.

 Ngokujwayelekile amasosha abebuthwa njalo ngonyaka, kodwa njengoba kongiwa sekubuthwa njalo emuva kweminyaka emibili. Kugcine ukubuthwa abali-1 972 ngonyaka we-2022 kanti sekuyoze kuphinde kubuthwe ngonyaka we-2024 ngoMasingana abali-2 564. Umbiko uqhuba uthi ngalokhu kungenelela kukodwa sekongiwe imali eyizigidigidi ezi-1.8. Imizamo yokuncishiswa kwesindleko kulo Mnyango iyaqhubeka nakuba kunzima. Ngonyaka wezimali we-2022/23 kwadla izigidi ezingama-906 ukukhipha emsebenzini abasebenzi abayi-1 290. Kubhekwe ukuthi izindleko zinyuke kakhulu onyakeni wezimali we-2023/24.

Scroll To Top