Now Reading
Ne-Afrika ayisalanga ngaphandle empilweni kaTina Turner
Dark Light

Ne-Afrika ayisalanga ngaphandle empilweni kaTina Turner

Entsheni yesikhathi sanamuhla igama likaTina Turner lilumbaniswa nomunye wabaculi nje abadabuka eMelika, kepha kwabadala lolu ugalagala lomzwilili, isishabasheki samalungelo abantu nesishoshovu esasilwela ukucwaswa kwabantu ngokwebala.

Emuva kokusabalala kwezindaba zokwendela kwakhe koyisemkhulu ngoLwesithathu, ezinkundleni zokuxhumana abantu bezizwe nezinhlanga ezahlukene babhonge emswanini. Izinhlangano zabaculi namaciko e-Afrika zibe phakathi kwabakhalisene nomkhakha wezomculo nomndeni wakhe.

Ngesikhathi esashisa izikhotha uTina Turner akazange ayikhohlwe i-Afrika ngoba wahambela amazwe ahlukene ezwenikazi edlulisa nomyalezo wokuhlonishwa kwamalungelo nokulwa nokucwasa ngokwebala.

Wayengakufihli ukuthi akahambisani nokucwasa eMelika. Lokhu kwaba  ngesinye sezizathu ezenza wagcina eselifulathele leliya lizwe wayozinza eKusnacht, eSwitzerland.

Akhule nabo bamazi ngo-Anna Mae Bullock owazalelwa eTennessee, zingama-26 kuLwezi we-1939 okwabe kuyindawo yabantu abadonsa kanzima empilweni.

Lokho kwamenza waqina empilweni kwaze kwafika isikhathi lapho esengena khona emculweni.

Ubalwa nabaculi abayongena emlandweni ngemiklomelo eminingi yomhlaba ayizuzile okukhona kuyo ama-Grammy ali-12.

See Also

Emhlabeni jikelele udayise ama-albhamu amaningi ukubedlula bonke abaculi abaphilayo nabangasekho. Kungenxa yemisebenzi yakhe okwaholela ekutheni ethiwe ngokuthi, “INdlovukazi yeRock”.

Enye yezingoma zakhe esadlalwa nanamuhla ethi, “What’s Love Got to Do with it” yahlala iminyaka engaphezulu kwemihlanu esicongweni ezingomeni ezihamba phambili eMelika nasemhlabeni.

Le ngoma yaze yaphendulwa ingqayi kulingisa phambili u-Angela Basset. UMengameli uJoe Biden uthi akekho oyovala isikhala sakhe.

Scroll To Top