Now Reading
Sebeyamukele eyokuphila ngaphandle kwamanzi
Dark Light

Sebeyamukele eyokuphila ngaphandle kwamanzi

Basola umkhonyovu wokuhlomula kwabathile ngamaloli athumela amanzi


Kubonakala isiyamukele impilo yokuthola amanzi ngokuthunyelelwa ngamaloli abizwa ngama-waterkant eminye imiphakathi eyakhele iTheku njengoba kucaca ukuthi inkinga yamanzi kusazothatha isikhathi ukuthi ixazululeke.

Kwabanye babona lena yimpilo abaphiliswa yona ngenhloso ukuze kuqhubeke ukudla kwabathile abathi abanentshontsho emalolini athumela amanzi.

Sekukaningi elaboHlanga libika ngenkinga yamanzi eThekwini, kuthintwa nabamele umkhandlu kujike kube nhlanga zimuka nomoya. NgoNhlolanja kwavalwa thaqa izikole kusuka ePhoenix, eBothas Hill, KwaNyuswa, eMbumbulu nezinye izingxenye zoMnini ngenxa yokuntuleka kwamanzi.

Ngempelasonto elaboHlanga lihambele KwaNyuswa eBotha’s Hill ukuthola ukuthi isimo samanzi sesinjani emuva kombiko walo odlule. Lifika kule ndawo lihlangatshezwe amanzi abegeleza kuhle kokungenisa komfula kweminye yemigwaqo.

La manzi abehamba ibanga elingaba ikhilomitha, okungangokuba nezingane bese zithole nedamu lokudlala.

Umphakathi utshele leli phephandaba ukuthi bese kuphele izinsuku ezimbili amanzi egeleza, kungekho ozikhathazayo ngawo.

“Mfowethu thina sesiyazibukela nje ngoba akukho esingakwenzile. Siphila ngaphandle kwamanzi kodwa nakhu nawe uyazibonela ngawakho ayageleza. Akuwona lomgwaqo kuphela, kodwa yilona esithe asikulethe kuwo ngoba isimo sibi kakhulu”.  Kuzikhalela isakhamuzi esicele ukubizwa ngoCele ngoba sesabela ukuphepha kwaso.

Umphakathi awukufihli ukuthi kukhona abahlomulayo ngokuphuma kungena izimoto eziletha amanzi, futhi yingakho amapayipi eqhuma kungabi ndaba zalutho. Abanye bakhala ngokuthi bagcina belinde umlibe kokunye izimoto zamanzi zingabonwa nangokhalo. Abantu balapha bathi akuyona inkinga enkulu ngaleyo ndlela, ngoba izindaba “zasesilungwini” ezingaqhelile kakhulu nakhona, zona azijwayele ukuba nenkinga yamanzi.

Ngonyaka odlule umphakathi wasoThongathi wavuka umbhejazane wavala umgwaqo uR32 ngamathayi avuthayo ufuna ukuba iMeya yeTheku uMnu uMxolisi Kaunda ahambele leya ndawo ezochaza kabanzi ukuthi kungani sekuphele isikhathi ungenawo amanzi.

Okuqaphelekayo ngokuntuleka kwamanzi ukuthi kushaya kakhulu ezindaweni zaboHlanga kunakulezo okwabe kungezezinhlanga ezithile kuphela esezixubile. Selokhu kuqale ukuntuleka kwamanzi, sekunezinkomba zokuthi impi yamanzi ingase igcine isiphenduke eyezepolitiki uma ingalungiswa. Ngenyanga edlule kucace kuhle kwekati elimhlophe ehlunwini ukuthi  namaqembu aphikisayo ezepolitiki eseqalile ukuyingena kulo Masipala, futhi awakufihli ukuthi angasohlangothini lomphakathi.

Kusuka ngasekuqaleni konyaka imibhikisho eminingi yomphakathi ebonakalayo ezindaweni isuke ithinta indaba yamanzi nogesi okuwukunqanyulwa kwalezi zidingongqangi ngaphandle kwezexwayiso. Kusuka kwelikaMthaniya kuze kuyoshaya esifundazweni iNorthern Cape kukhalwa esifanayo.

See Also

Esifundazweni i-Eastern Cape imibhikisho ibithe chithi saka kusuka kuGatshana, kuze kuyoshaya eCumakala abantu bebhikishela eyokuphela kwesikhathi eside bengenawo amanzi nogesi. Eyamanzi yehlula ngisho sekungenelela uHulumeni kaZwelonke.

 EsenguNgqongqoshe Wezamanzi uNks uLindiwe Sisulu wasola isandla esinoboya koMasipala abathile ngokuthi kunqanyulwa amanzi nje ukuze kuhlomule izinkampani zesikhulu emikhandlwini ezisebenzisana nezinkampani zangaphandle zamaloli amanzi ukuwathumela lapho esuke engekho khona.

Naphezu kokumiswa kwezikhulu kweminye imikhandlu njengeKing Sabata Dalinjyebo Municipality (KSDM) kwanhlanga zimuka nomoya. 

KwaZulu-Natal kuze kube yimanje  kusenezindawo amanzi abuya kuzo izikhawu  kusuka kwahlasela izikhukhula zangonyaka odlule.

Izakhamuzi zizithola zikulesi simo nje,zisadunguza ebumnyameni ngenkanankana kagesi kwezinye izindawo zaboHlanga ohamba amahora angaphezu kwamane. Kuze kwaphoqeleka ukuthi umphakathi wezinhlanga ezahlukene ePhoenix, eVerulam, e-Ottawa, oThongathi ngoNhlolanja zamasha kanye neDemocratic Alliance (DA) zifuna izimpendulo ngokunqanyulelwa amanzi.

Ekhuluma ngalesiya sikhathi uMholi weDA esifundazweni uMnu uFrancois Rodgers obuyiselwe ngo-elethu emuva kokhetho lwale nhlangano emasontweni edlule wathi: “Abantu sekubeme emphinjeni ukuphathwa ngalolu hlobo nezisebenzi zikahulumeni ezingawazi umsebenzi wazo. Abantu abagulayo kuchaza ukuthi kuzomele bahlale amasonto bengenawo amanzi.”

Scroll To Top