Now Reading
‘Izibhamu ezingekho emthethweni eziqotha abantu’
Dark Light

‘Izibhamu ezingekho emthethweni eziqotha abantu’

Kukhulu ukukhathazeka kuhulumeni nasesiphoyiseni ngesibalo sezibhamu ezingekho emthethweni ezikubantu okuthiwa yizo ezisetshenziswa izinkabi embonini yamatekisi, ezimpini zemibango nasezigamekweni ezehlukene zobugebengu. Ngonyaka odlule elaboHlanga kwaba yilo elahlokoloza indaba yokusabalala kwezibhamu emuva kwezikhalo zabeGun Free South Africa ngokuthamba komthetho wezibhamu.

Ubufakazi ngokusabalala kwezibhamu ezingekho emthethweni buvele obala emasontweni  amabili edlule lapho kubulawe osomatekisi ababili kusoseshini wamabanga amade ngasenxanxatheleni yezitolo eBerea. Emacaleni angama-20 aphenywayo okubulawa kwabantu eThekwini ngenyanga edlule, ali-15 kuwo kwasetshenziswa izibhamu ezingekho emthethweni. Ngempelasonto yePhasika kuhlaselwe ibhasi yamabanga amade ebithwele abantu e-Eastern Cape, okusolwa nakhona umbango embonini yezokuthutha

Le nkampani ifuna ukufaka icala uNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele ngekubize ngokwehluleka ukuvimbela izigameko eziwuchungechunge zokuhlaselwa kwamabhasi ayo. Ngokusho kweziphathimandla ze-Intercape zili-14 izigameko zokuhlaselwa kwamabhasi ayo nabashayeli e-Eastern Cape kusukela ngoNdasa nonyaka. Sekufike ezingeni lapho sekuchaphazele nabagibeli. “Amabhasi ayahlaselwa kuphinde kusatshiswe abagibeli nabashayeli okuyinto enomthelela ongemuhle ebhizinisini”, kusho isitatimende salenkampani.

NoCele uyavuma ukuthi ziningi izibhamu ezikubantu ngokungemthetho yingakho kuzoqalwa umkhankaso wokuzifuna baze bazithole.

Eminyakeni emibili edlule izibalo zazikhomba ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe lesibili emhlabeni elinokuxhaphaka kwezibhamu okwenza sibe phezulu isibalo sodlame oluthinta ukusetshenziswa kwezibhamu nokubulawa kwabantu. Isithombe esivelayo ngesokuthi esikhundleni sokuba lesi sibalo sehle ngokuhamba kwesikhathi, kodwa siyakhula futhi kubonakala nomthetho uya ngokuthamba.

Ngaphandle kwezibhamu ezijwayelekile ezinye okuvela ukuthi zixhaphakile emphakathini ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya ngezokuzakhela ezibizwa ngoqhwasha.

Njalo emuva kwezinyanga eziyisithupa umbutho wamaphoyisa iSAPS ucekele phansi izibhamu ezingaphezulu kwama-20 000 esizindeni esincibilikisa insimbi i-Acelo Mittal, eGoli, iReclamation Group eSiphingo eThekwini kanye naseKapa. Kwaqopheka umlando ngowe-2019 lapho izibhamu ezancibiliswa zafinyelela kuma-30 000 okwaba yisibalo esikhulu.

Ephawula ngaleso sikhathi usigaxamabhande esiphoyiseni uBrigadier Vishnu Naidoo wathi ngenyanga baqoqa izibhamu ezili-5000 ezweni. Izifundazwe iKwaZulu-Natal, iGauteng neMpumalanga yizona ezihamba phambili ngesibalo sezibhamu ezitholakalayo.  “Ezinye izibhamu sizibamba emingceleni yakuleli ziphuma noma zingena ngaphakathi ezweni.”

Ngokwezibalo zakamuva abantu bakuleli banezibhamu ezili-5 350 000, kodwa ezisemthethweni ziyizigidi ezintathu kuphela.

Sekukaningi kugxekwa uMthetho Wezibhamu kuleli. Kukhona abathi uchemile njengoba kuthatha isikhathi eside ukucutshungulwa kwelayisensi yesibhamu noma umuntu enayo yonke imininingwane nobufakazi bokuthi usidingelani. Abakhala kakhulu ngabanikazi bemizi namabhizinisi. 

UMnu uThabiso Mkhaliphi waseBhekulwandle ngaseManzimtoti ungomunye wabantu abanalesi sikhalo. UMkhaliphi uthi wayilandela yonke imigudu wabeka nezizathu ezenza adinge isibhamu wathumela nezincwadi ezifungelwe kodwa akwenzeni.

“Okuxakayo ukuthi singenelwa ngabantu ezindlini zinsuku zaphuma sibanjwe inkunzi kwebiwe impahla kuhlonyiwe, ungazi ukuthi bona bazithola kanjani izibhamu,” kuzikhalela uMkhaliphi. UMthetho Wezibhamu bathi unqinda abanikazi bemizi ilungelo lokuba nesibhamu okwenza bazithole njalo beyizisulu zobugebengu.

See Also

NgoMfumfu wezi-2018 uMthethosivivinywa owawuphakamisa ukuthi kususwe isigaba sokuzivikela njengesizathu esinqala sokuba nesibhamu wadala intukuthelo kubantu abanezibhamu ezisemthethweni. Sekukaningi iNkantolo YoMthethosisekelo ikhipha izinqumo ngokuthi ukuba nesibhamu akulona ilungelo kodwa kuyinto umuntu angakwazi ukuba nayo ngoba emelana nakho konke okuhambisana nayo.

Inkohlakalo inomthelela

Izazi ziyavumelana ukuthi inkohlakalo inomthelela ekusabalaleni kwezibhamu ngoba abantu sebeyakhokha ukuze bathole kalula amalayisensi. Kuvela nokuthi kukhona abasebenzisa amalayisensi abanye bemindeni yabo asebashona benamalayisensi ezibhamu.

Ngokusho kuka-Advocate uJackie Nagtegaal Wenkantolo YoMthethosisekelo: “Kumele uqale ngokuyoqeqeshwa ngaphambi kokuba nesibhamu emuva kwalokho ufake isicelo selayisensi yesibhamu. Kunemibandela enqala njengokuthi kumele ube yisakhamuzi ngokugcwele. Kumele ube neminyaka engama-21 noma ngaphezulu, nasemqondweni ube ngumuntu ophilile ngokwanele. Akumele ube necala lobugebengu futhi ungabi ngumuntu onenkinga yezinto ezinjengezidakamizwa.”

Uma unesibhamu esisemthethweni kodwa ungasayivuseleli ilayisensi yaso, awehlukile nomuntu ophethe isibhamu esingekho emthethweni. Ngonyaka wezi-2000 kwaphasiswa uMthetho iFirearm Control Act 60 ngenhloso yokulawula ukukhishwa kwamalayisensi. Enye yezinhloso ngalo Mthetho kwabe kuwukuqinisekisa ukuthi ukufa kwabantu ngenxa yesibhamu kuyehla. Abanikazi bezibhamu ezisemthethweni bathi inkinga ayikho kubona, kodwa ikulabo abanezibhamu ezingekho emthethweni nabaphatha izibhamu budedengu.

Ngokusho kweGun Free South Africa, kunezibhamu ezili-9 855 ezilahlekayo ezinye ezintshontshwayo ngonyaka.

Scroll To Top