Kuye ngombiko welaboHlanga ngogcobho kuNSFAS
Ngasekuqaleni konyaka ophezulu we-2023 elaboHlanga laba yiphephandaba lokuqala ukubika ngelakubiza ngokungahambi kahle kwezinto esikhwameni esiseka ngezimali abafundi basezikhungweni zemfundo ephekeme iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Phakathi kwezinto ezavezwa yileli phephandaba ukuthi abafundi okuyibo abantulayo okumele engabe bayahlomula kulesi sikhwama bakhala ngaphansi. Kuleli sonto umbiko wophiko labaphenyi iSpecial Investigating Unit (SIU) uvune okwakushiwo elaboHlanga.
Lo mbiko uveze ukuthi kunezigidigidi zamarandi ezakhokhelwa abafundi okwakungamele engabe bayahlomula ngaphansi kwalesi sikhwama.
Uphenyo lweSIU mayelana nenkohlakalo, ukungaphathwa kahle kwezimali, ukukhishwa kwemali yokubolekwa abafundi, imifundaze neminye imihlomulo eyakhokhelwa abafundi ngonyaka owedlule, kwakungalandelwanga uhlelo olusemthethweni. Uphenyo lwaqala emuva kokuba uMengameli uCyril Ramaphosa ethe uma iSIU ibona ukuthi kukhona okunuka santungwana, kumele ingachithi isikhathi iqale uphenyo zisuka nje amadaka.
Uphenyo lweSIU luyinika amandla ukulandelela zonke izikhalo mayelana nokuxhaswa kwabafundi ngemali, kuze kufike nalapho abafundi osekuneminyaka bafaka izicelo begcina ngokushaywa ngesithende. Lolu phiko luphinde lube namandla okuathela izinyathelo zomthetho bonke laba abathintekayo kule nkohlakalo.
Uphenyo lweSIU luzoqala kusukela ngoMbasa we-2016 kuya kuNhlaba we-2022. Umphenyi walolu phiko uMnu uLeornad Lekgetho uthe kungenzeka kubathathe izinyanga ezili-18 ukuphenya, futhi kungadla imali eyizigidi ezingama-70.
“Esikubhekayo okwamanje udaba labafundi abaxhaswa ngendlela engekho emthethweni, siphinde sibheke izikhungo ngezikhungo ngokukhishwa kwemali.” Kusho uLekgetho.
ElaboHlanga labika ukuthi seziqalile ukuzwakala izikhalo zaminyaka yonke kubafundi abaphase umatikuletsheni ngokungalazi ikusasa labo ngenxa yengcindezi abayithola esikhwameni sokubasiza ukuqhubeka nezifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Student Financial Aids Scheme (Nsfas).
Umatikuletsheni wangonyaka odlule wenze kahle uma kuqhathaniswa neminyaka emibili edlule, lapho izwe belihlaselwe uKhuvethe, kudla lubi nokunqamuka kukagesi. Izinga lokuphasa linyuke ngamaphesenti ali-3.7 lafinyelela kumaphesenti angama-80.1.
Lezi zibalo zibuyisa ithemba ngezinga lemfundo eNingizimu Afrika kepha kwabanye abafundi kuwukuqala komqansa wempilo. Kunabafundi osekuphele iminyaka emithathu beshizila bengalutholi uxhaso lweNsfas, naphezu kokwenza kahle esifundweni nokulandela yonke imigudu ebekiwe yokufaka izicelo.
Okuvelayo ukuthi inkohlakalo idla lubi kulesi sikhwama, okugcina ngokuhlomula labo bafundi bomntakabani abasuke bengaludingi usizo.
UMduduzi Makhanya owayefunda eSibusisiwe High School, eMbumbulu waphumelela umatikuletsheni ngowe-2019 uphakathi kwezinkulungwane zabafundi ezingakwazanga ukuqhubeka nezifundo ezikhungweni zemfundo ephakeme ngenxa yokwentula uxhaso.
Iphupho lakhe lokuba ngummeli lashabalala. Le nsizwa yaseMadundube izithole isibamba amatoho eSiphingo angayikhokheli kancane, kodwa okuyisizayo ukuba ikwazi ukuqhubeka nempilo.
“Izethembiso ezenziwa uNgqongqoshe Wemfundo Ephakeme Nobuchwepheshe uDkt uNzimande njalo uma kuqala unyaka mayelana nokubhekelelwa kwabafundi zigcina zingafezekanga ngendlela. Laphaya emanyuvesi bafike bakutshele okunye, uma usuthi uyobhalisa uzolinda uxhaso. Sitshelwa ukuthi uMkhandlu wenyuvesi unendlela ethile oyilandelayo ngokwamukelwa kwabafundi ngoba kubalekelwa ukuthi kwande kakhulu isibalo sabafundi abagcina bengakhokhile,” kuzikhalela uMakhanya.