Now Reading
Umkhankaso wokuvalwa kwemigodi emgwaqweni waba umdlalo wepolitiki
Dark Light

Umkhankaso wokuvalwa kwemigodi emgwaqweni waba umdlalo wepolitiki

Ngesikhathi uMengameli uCyril uRamaphosa ejuba inkampani engaphansi kukahulumeni eyengamele imigwaqo iSanral ukuba iqale umkhankaso wokuvalwa kwemigodi nezikhinsi emigwaqeni yakuleli, kwabuya ithemba kubashayeli, izinkampani nabasebenzisi bomgwawo. Lo mkhankaso wawuzoqala ngoNhlangulana we-2022 usongwe ngoLwezi wonyaka ofanayo.

Ngalesi sikhathi kwakulindelwe ukuthi yonke imigwaqo ezweni izobe isiwubuthebelele. Ezazikhulunyelwa phansi kwabe kungezithi, lolu akulona nje uhlelo lokuvalwa kwemigodi emigwaqeni olujwayelekile kepha lunepolitiki phakathi.

Umyalelo owanikezwa uSanral uphuma eHhovisi likaMengameli wabe uthi kumele kuqambe kushaya uZibandlela okuyinyanga okwakuzobanjwa ngayo ingqungquthela yokukhetha ubuholi kuKhongolose kube kungasekho nowodwa umgwaqo onemigodi. Izindleko zalo msebenzi ohulumeni bezifundazwe nomasipala babezozithwalela ngokwabo.

Eyokuvalwa kwemigodi kwakuzoba ngenye yezinduku uRamaphosa ayezogadla ngazo ukuze aqhubeke aphathe elinye ihlandla. Sekungumlando ukuthi le nduku nezinye zamsebenzela uMatamela njengoba namuhla ehola i-ANC nezwe. Kubasebenzisi bomgwaqo lo mkhankaso owethiwa ngokuthi I-Operation Vala Zonke kwabe kuwumdlalo wezepolitiki ngoba isimo asishintshile.

Umshayeli waseThekwini uMnu uBheko Zindela utshele elaboHlanga ukuthi kwalungiswa leyo migwaqo esemehlweni abantu kuphela. Uthi esikhundleni sokuba izinto zibe ncono kuya ngokuya kuba kubi ngoba imigwaqo eminingi isesimweni esingesihle.

“Bekwaziwa ukuthi imigwaqo emibi uzoyithola ezindaweni zasemakhaya, kepha manje sekuyafana emadolobheni nasemakhaya sekwaba yinto eyodwa,” kuzikhalela uZindela.

Kucwaningo olusanda kwenziwa ngonyaka odlule luqhutshwa yinkampani  yomshuwalensi iDialdirect, kwavela ukuthi izicelo ezifakwa ngabanikazi bezimoto ngenxa yokulinyalelwa yizimoto zabo okuhlobene nemigodi emigwaqeni kwenyuke ngamaphesenti ali-15.

Ucwaningo lwale nkampani lwaphinde lwaveza ukuthi izicelo zamathayi alimalayo zizodwa zinyuke ngamaphesenti ayi-9 uma kuqhathaniswa nonyaka we-2021.

Okunye okwavela kulo mbiko ukuthi izikhalo ezibikwayo nsukuzonke ngemigodi emigwaqeni yenyuke ngezigidi ezi-10 kusukela ngonyaka we-2017. Kuthiwa indawo yaseMgungundlovu kwelikaMthaniya yiyo ezihola phambili futhi ekhahlanyezwa kakhulu yimigwaqo eyizigodigodi.

See Also

IDialdirect embikweni wayo yaveza ukuthi izicelo ezingamaphesenti angama-21 zokulimala kwezimoto ngenxa yemigodi emgwaqeni ziphuma kuleli dolobha.

“Ukubalekela imigodi emgwaqeni sekufana nomdlalo esesingacishe sithi ususemthethweni. Ukwenza lokhu esikhathini esiningi kungaba nomphumela ongemuhle njengokudaleka kwezingozi,” kusho iNhloko yale nkampani u-Anneli Retief, esitatimendeni.

Uthe ingxenyana nje encane elimele noma enemigodi emgwaqeni ingakufaka kwenkulu inkinga okungaba ukuqhuma kwethayi, kulimaze iwheel allignment, ukulingana kwamasondo, kulimaze amarimu okungagcina kudale umonakalo ongadla kakhulu ephaketheni.

Inhlangano iMotor Industry Staff Association (MISA) isiphonsele uhulumeni inselelo ukuba athole isixazululo ngenkinga yemigwaqo ezigodigodi. Le nhlangano ithi asikho isidingo sokuba uhulumeni alwisane nezinkampani ezizimele uma zizilungisela imigwaqo ngoba yizo ekugcineni ezishayekayo.

Scroll To Top