Bahlwanya indlamvuzo kaMagwaza-Msibi




Ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngoNtulikazi izocacisa ngekusasa leNFP
Kujwayelekile ukuthi uma kusithele umholi thizeni kube khona abomndeni noma ilungu lomndeni elizibophezelayo ekuthatheni izihlangu zakhe liqhubeke lapho eshiye khona.
Emngcwabeni wowabe enguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMnu uCollins Chabane indodana yakhe ayikufihlanga ukuthi angeke yakuvumela ukuthi izihlangu zikayise zigcwale izintuli isaphila. Nangesikhathi kunenkonzo yokugcina yomsunguli noMengameli weNational Freedom Party (NFP), uNkk uZanele kaMagwaza-Msibi, indodakazi yakhe uGugu Gumede yatshela abazili ukuthi izovuka izithathe ihambe ezinyathelweni zikanina
Kwabaningi izinkulumo zalolu hlobo zisuke ziwukubhonga nje emswanini ngoba zigqugquzelwa yiminjunju yokulahlekelwa. Kepha kubonakala kungenjalo kuNks uGumede njengoba izinkomba zithi sekukhona abahlwanya indlamvuzo yakhe ukaMagwaza-Msibi.
UNks uGumede uselibeke ngesihloko elokuthi uzimisele ukuhola iNFP njengoMengameli okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo. Ungomunye wabasohlwini lombango walesi sikhundla engqungqutheleni ebhekwe kakhulu yokukhetha ubuholi ezodonsa izinsuku ezintathu kusuka zingama-26 isongwe zingama-28 kuNtulikazi.
UNks uGumede wathi unina wayethi uma emncokolisa ambize nge”Nkosi” ngoba wayengakaze ambone empilweni yakhe umuntu wesifazane owenza izinto njengaye.
Wakhuluma kanje: “Namuhla simi lapha sinesibindi osinikeze sona, simi lapha namuhla ukuzothi Yengwayo, njengezingane zakhe, sizoqhubeka nemisebenzi yakho, ukwenzile konke obuzibekelekona. Usebenzile Njinji, ubasebenzele abantu ngokungathalekile izikhundla zabo nezinga labo lempilo noma ngabe bangosozigidi okanye bakhala bengashayiwe. Ube ngusopolitiki onamava eNingizimu Afrika”.
Noma sekukhona amagatsha aseliphakamisile igama lakhe kepha indlela yakhe ebheke ekuholeni leli qembu akubonakali kuzoba ngelula. Kwabangaphesheya sebekushilo ukuthi akumele kube nemicabango yokuthi ukuhola leli qembu kuyifa laphakade lomndeni kaMagwaza-Msibi. Uzobe ebanga nelungu elidala kulo mbutho elaxebuka ku-Inkatha Freedom Party uMnu u-Irvin Barnes.
UBarnes uthi uyamukele inselelo ayiphonselwe amagatsha aphakamisa igama lakhe ekuholeni iqembu emuva kwengqungquthela yangoNtulikazi.
Ephawula ngesimo esikhona ezinhlakeni zeqembu nasebuholi uthe, “Sengizamile ukwenza ubumbano ngaphakathi eqenjini. Siyadinga nokulungisa ukungaboni ngasolinye sikhiphe nomhlahlandlela wenqubomgomo entsha ezolandelwa ngamalungu ukuze abantu babone iNational Freedom Party njengeqembu elinekusasa.”
Kuphawula uBarnes. Eqhuba uthe phambilini iNFP ibingabi nezingqungquthela kodwa konke lokho sekungumlando njengoba sebesebenzela ubunye.
Uthe zonke izinkinga zangaphambilini ebezikhungethe iNational Freedom Party basendleleni yokuzilungisa neKhomishini Ezimele Yokhetho okungangokuba namuhla ngoLwesihlanu konke kuzobe sekumi ngomumo. “Abantu abanike iNFP ithuba ngonyaka ozayo sibanika isiqiniseko sokuthi iqembu selinozinzo. Ngeke siphinde singene ehlazweni elenzeka ngonyaka we-2016 sivumela abantu ukuba baxove iqembu,” kugcizelela uBarnes.
Kulokhu ugxeke ababengamalungu nabaholi bangaphambini eqenjini abale kubo uMnu uPG Mavundla athe emuva kokwenza konke wabe esephuma wasungula iqembu lakhe i-Abantu Batho Congress (ABC), uMnu uMaliyakhe Shelembe, uSolwazi uKhubisa, uMnu uMlotshwa noMnu uGumbi. Enkulumweni yakhe abuye wayenza esiteshini somphakathi ohlelweni lwezingxoxo iMbokodo FM uBarnes uthe bakha kabusha iqembu elizokwazi ukulwela abantu. Uthe kuningi asebekufundile kulesi sikhathi njengokuthi sebeyakwazi ukupopola abantu abangalungile nabangabuyisela emuva iqembu.
Izinkinga zindala eqenjini
Selokhu leli qembu lasungulwa nguye ukaMagwaza- Msibi lilandelwa yizinkinga. Ngasekupheleni konyaka odlule laliphuma lingena ezinkantolo kulandela ukufakwa abanikazi benkampani i-Ezulwini Investment Pty Ltd, eyayibasola ngokwehluleka ukubuyisela imali eyizigidi ezingama -R25 eyayiziboleke ngesikhathi sokhetho lowe-2014. Ngesikhathi iziphathimandla zikoleka lemali zazibophezela ekutheni lizoyibuyisela kancane kancane ngokunconzula emiholweni yamakhansela emuva kokhetho lowe -2016.
Le mali kuthiwa yabolekwa ukuze yeseke izinhlelo zeqembu zokhetho lukazwelonke lowe-2014. UMagwaza-Msibi esadla anhlamvana kwaqubuka umbango wokuhola iqembu kwaze kwafakwana ezinkantolo.