INational Freedom Party (NFP) izofaka isikhalo ku-Independent Electoral Commission (IEC), njengoba isola Inkatha Freedom Party (IFP) ngokungaziphathi kahle.
Uma isinqumo seNkantolo Enkulu eThekwini namuhla sivuna noma yiliphi iqembu phakathi koMkhonto Wesizwe ne-African National…...
Ngale mashi iMK ithi izobe ithumela umyalezo nakubantu baseNingizimu Afrika ngokuthi balindele noma yini emveni kokhetho ngoba i-IEC isikukhombisile ukuthi icheme neqembu elibusayo.
Ukuntuleka kwemisebenzi kubantu bakuleli okuyintsha nasebekhulile kuvele obala namuhla ekuseni ngesikhathi kutheleka izinkulungwane zabangasebenzi eDurban…...
Ukusondela kokhetho oluzobanjwa zingama-29 kuNhlaba kuhambisana nokukhulu ukuqagula ngesimo sezwe nokusebenzisana kwamaqembu ngale kokhetho. Ukukhuluma…...
UMnu uNtuli wethule amaphuzu ali-15 abazowabeka eqhulwini uma benqoba ukhetho KwaZulu-Natal.
Uphinde waphumelela emizamweni yakhe yokuhola uMkhonto Wesizwe ePhalamende uMnueuJacob Zuma. Isinqumo sayizolo besibhekwe ngabomvu emuva…...
Ngesikhathi sezinketho kusuke amaqembu ezepolitiki asebenzisa izindlela eziningi ukuheha abavoti. Ziningi izethembiso ezenziwayo. Lezi zethembiso…...
Kubukeka iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) lizobhekana nenye inkinga njengoba kuyiwa okhethweni.
UReddy ubekwe icala ngaphansi koMthetho iRiotous Assemblies Act 17 yowezi-1957 ngenkulumo ayenza lapho athi uma iMK ingekho ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho buyochitheka bugayiwe.
Kungekudala leli qembu lizobuyela enkantolo njengoba liphonsela inselelo isinqumo se-IEC sokuvimbela uMnu uJacob Zuma ukuba aholeli leli qembu ePhalamende.
I-African National Congress ivulele iMKP icala ngokusebenzisa uphawu lomkhonto negama, i-ANC ethi ngolwayo luyingxenye yomlando wokusungulwa koMkhonto Wesizwe okwabe kuwuphiko lwezempi lwe-ANC.
Sekusezandleni zomphakathi ukuba ucubungule amagama alabo abazomela amaqembu abo ePhalamende naseZishayamthetho kulandela ukuba iKhomishini Ezimele Yokhetho iwasabalalisile ukuze kuzwakale uvo lomphakathi.
Isinqumo seNkantolo Enkulu eGoli sokuchitha isicelo se-ANC sokuchitha ukubhaliswa koMkhonto Wesizwe njengeqembu lezepolitiki kufane nokunqoba ihlandla lokuqala endleleni ebheke okhethweni kwaleli qembu eliholwa uMnu uJacob Zuma.
Akwethusanga ukuthi eqhulwini lwezethembiso zokhetho eqenjini i-Action SA bakhulume ngabazokwenza ukuqinisa ezokuphepha nokuvimbela ukungena kwabantu bangaphandle ngokungemthetho kuleli.
Izinkulumo ezivamile zokuthi ukhetho oluzobanjwa zingama-29 kuNhlaba kophezulu luzofana nokhetho lokuqala olwaluvulelekile ngowe-1994 ziya ngokufakazeka njengoba umbango wamaqembu uya ngokushuba.
Izolo uMengameli uCyril Ramaphosa uhlangatshezwe ngezikhalo ngamanzi emphakathini owakhele lo masipala kuze kuyoshaya eMzumbe nezinye izingxenye zePort Shepstone kuMasipala uGu.
Umbango weminyaka ovumbuka njalo uma sekusondela ukhetho ovame ukugubuzela iPan Africanist Congress of Azania (PAC) kulokhu uzophenduka umlando uma kuya ngezinkulumo zabaholi baleli qembu.
Kule nyanga kuphela iminyaka engama-30 kwasungulwa iqembu lezepolitiki i-African Christian Democratic Party (ACDP), elasungulelwa phezu kwesisekelo senkolo nokubuyisa ubuntu esizweni.
Yize sinyuke kakhulu isibalo sababhalisele ukuvota kulolu khetho, kodwa iNhlangano Ezimele Yokhetho ikhala ngokuthi kunabantu abayizigidi ezili-13 abasesigabeni sokuvota kodwa abangabhalisile.
Emlandweni uzongena njengomholi owagcwalisa iMabhida watshengisa abanye abafana ukuthi udosi lwe-Inkatha lusayingozi.
UZuma uzobuya ePhalamende noma ungumelusi weqembu afuna likholise uKhongolose?
Usuku lwesikhumbuzo luqondene nosuku lokwethulwa kwesikhongeli se-IFP eMabhida.
Iqembu lepolitiki neliphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP) lilokhu liqhubeke njalo nokungena ezindaweni zasemalokishini esifundazweni iKwaZulu-Natal.