Ezolimo ngesikhathi sokhetho
UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Ngesikhathi sezinketho kusuke amaqembu ezepolitiki asebenzisa izindlela eziningi ukuheha abavoti. Ziningi izethembiso ezenziwayo. Lezi zethembiso zibandakanya imihlomulo yezenhlalakahle, amathuba emisebenzi, ezemfundo, ezempilo nokunye.
Ngabe ezolimo okuyizona eziphethe ukuphila kwabantu, nazo ziyinkundla yokududulana kwezinkunzi zepolitiki kuyo? Le mboni ingenye yezimbalwa ezihamba phambili ekwakheni amathuba omsebenzi.
Iqembu i-ANC okuyilo elisesihlalweni linethuba elikhulu lokuheha abavoti abangabalimi nalabo ababona ezolimo zingumgogodla wempilo yomuntu. Yize amaqembu aphikisayo engagxeka i-ANC ngokusebenzisa imali nezinhlaka zikaHulumeni ukukhankasa, iqembu livamise ukuziphungela ngelithi ukuthi zibheke okhethweni akusho ukuthi uHulumeni kumele ame ukusebenza. Izimemezelo zokwethulwa kwezinhlelo zokusiza abalimi ziphuma zilakanyana zikhishwa nguMnyango Wezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya.
Akugcini ngokuthi amaqembu ezepolitiki azisondeze ezinhlakeni ezinjengezinhlangano zabalimi. Nazo izinhlangano zithola ithuba lokuba zikhombe amaqembu ngenjumbane zithembisa ukuthi uma kungafezeki izinto ezifunwa yizo ngeke zisawaxhasa la maqembu. Kuyinto esuke ibikiwe ukuthi abalimi abathile banawo umthelela ekutheni abasebenzi baseplazini bavote babhekise ngaphi. Isikhathi esiningi abalimi yibo abathutha izisebenzi ziyobhalisela ukuvota noma ukuyovota ngosuku lokhetho.
Ngaleyo ndlela abalimi abanezinhloso ezithile baba nethuba elikhulu lokunxenxa izisebenzi ukuthi zivote kanjani. Abanye babalimi abachemi, bayekelela kumaqembu ukuzikhankasela ezisebenzini zabo. Lokhu kuyenziwa nayizinyunyana zazisebenzi. Emlandweni sekukaningana uMfelandawonye Wezinyunyana iCOSATU iveza ukuthi izoxhasa i-ANC ezinkethweni ngemibandela ethile yokuhlomulisa amalungu ayo.
Ezolimo nodaba lomhlaba yizinto ezingehlukaniseke. Udaba lomhlaba lungumsuka wodungunyane phakathi kwamaqembu ezepoliki kanye naphakathi kwezinhlanga ezahlukene. Ngesikhathi kukhona amaqembu abona ukuthi umhlaba osezandleni zabohlanga awanele, kukhona lawo athi qha mningi lomhlaba, futhi uHulumeni akadedele umhlaba osezandleni zakhe. Imizamo ukuchitshiyelwa komthetho wokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba kwachithwa yiNkantolo YoMthethosisekelo njengongahambisani noMthethosisekelo. Yabe isiyalela uHulumeni ukuba ayolungisa okonakele, okungukuthi akubanga nokufuna izimvo okwanele. Umphumela walesi sinqumo kwaba ngukuthi izicelo ezabe zifakiwe zifana nezingekho.
Okunye okukhombisa ukuthi udaba lomhlaba luyinsusamsindo imizamo eyenziwa yokuchibiyela iSigaba 25 soMthethosisekelo ngenhloso yokuthi uHulumeni akwazi ukudla umhlaba ngaphandle kokunxephezela lowo obewumnikazi. Le mizamo yabhuntsha emva kokuba engatholakalanga amavoti anele. Lokhu, phakathi kwezinye izizathu, kwabangelwa ukungakhi ngakhezo lunye kwe-Economic Freedom Fighters kanye ne-African National Congress.
Iqembu leDemocratic Alliance, emqulwini walo wezethembiso imi kwelokuthi kakuhlonishwe iSigaba 25 soMthethosisekelo esiqinisekisa ilungelo lobuninimhlaba langasese. Iphinde ithembise ukuthi ukuze kuhlomule aboHlanga iyosebenzisa udadavu lomhlaba osezandleni zikaHulumeni. Lapha ibala iminyango emibili, okungoWezolimo, Ezamahlathi Nezeinhlanzi kanye noMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi. Leli qembu liphinde lethembise ukuth uxhaso kulabo abasuke sebenikwe umhlaba.
Iqembu le-Inkatha Freedom Party, emqulwini walo wamaphuzu ali-13, yethembisa ukuthi omakoti kwezolimo bayothola ukuxhaswa nguHulumeni. Kweyokwemukwa umhlaba, leli qembu lithi liyakuxhasa lokho kodwa makube nesinxephezelo esifanelekile.
Kanti iZitoyitoyi zona zigqishe ngakubalimi abalima ngokuncane, ethembisa ukuthi ngaphansi kukaHulumeni wayo kuyoxhaswa bona kakhulu. Iphinde ithi bonke abahweba ngokudla eNingizimu Afrika bayophoqwa ngumthetho ukuba bathenge imikhiqizo yasezweni.
Ngabe lokhu kusho ukuthi iZitoyitoyi ziyoqeda ngezivumelwano ezisekelwe phezu kwe-American Growth Opportunity Act? Lezi zivumelwano zinika iNingizimu Afrika ithuba lokudayisa umkhiqizo wayo emakethe enkulu yase-USA. Kanti udosi lwe-AGOA ngukuthi, phakathi kweminye imikhiqizo, kufanele iNingizimu Afrika ithenge imikhiqizo yokudla e-USA. Ehlandleni eledlule lokuvuselelwa kwalesi sivumelwano bacishe bachitheka bugayiwe lapho iNingizimu Afrika yayigoloza ukuvuma imibandela ethile. Kwaze kwafika lapho uMengameli wase-USA wangaleso sikhathi, uBarack Obama asabisa ngokuyikhipha emanonini iNingizimu Afrika.
Esikhathini esisele ngaphambi kokhetho kubhekeke ukuthi ezolimo zenyuke ekubeni ngumsusa wombango phakathi kwamaqembu ezepolitiki.