OKABANI?: Zinkani zababili ngombango wophawu eThekwini namuhla
Kuthe kushaya ihora lesithupha ekuseni amalungu eqembu uMkhonto Wesizwe (MKP) eThekwini bese eqalile ukuhlangana enkabeni yedolobha evivela ukuya eNkantolo Enkulu eThekwini ecaleni lombango wophawu loMkhonto.
I-African National Congress ivulele iMKP icala ngokusebenzisa uphawu lomkhonto negama, i-ANC ethi ngolwayo luyingxenye yomlando wokusungulwa koMkhonto Wesizwe okwabe kuwuphiko lwezempi lwe-ANC. Leli cala kwakumele lingene enkantolo ngasekuqaleni kwenyanga, kodwa lahlehliselwa inamuhla ngezizathu ezingaziwa.
Isitatimende seMKP esikhishwe izolo sinxuse wonke amalungu aleli qembu ukuba aphume ngobuningi ayohlangana eNkantolo eNkulu eThekwini ukweseka iqembu. Namalungu e-ANC kubhekeke ukuba atheleke ngobuningi enkantolo. Kusuka ekuseni ngaphandle kwenkantolo bse kugcwele abezokuphepha nabezindaba
IMKP iya kuleli cala inokuzethemba kulandela isinqumo sayizolo lapho ecaleni le-ANC neNkantolo Ezimele Yokhetho (IEC) embangweni wokuthi i-IEC yabhalisa iMKP njengenhlangano yezepolitiki kungafanele. INkantolo Yezokhetho ivune i-IEC yachitha isicelo se-ANC.
Kuwona wonke amaphuzu i-ANC ichithwe nxa zonke esicelweni sayo.UMehluleli uLebohang Modiba uthe iSekela Lesikhulu Esiphezulu ku-IEC lalandela umthetho ngesikhathi libhalisa uMkhonto Wesizwe njengeqembu lezepolitiki. Uthe isicelo se-ANC nesethulo sayo sokufaka isimangalo sekwedlule isikhathi akwakho mqondo.
Emuva kokukhishwa kwesinqumo sayizolo uNobhala Jikelele we-ANC uMnu uFikile Mbalula obekubhekeke ukuba akhulume esithangamini nabezindaba umemezele ukuthi angeke besaqhubeka nalesi sithangami. IMKP ithe isinqumo esivuna iKhomishini Ezimele Yokhetho ibisiindele, yasola i-ANC ngokuchitha isikhathi ngokusebenzisa izinkantolo nokulala ivuka ngeMK esikhundleni sokugxila emikhankasweni yayo yokhetho.
Ukunqoba kwe-IEC izolo kube ukunqoba kweMK okusho ukuthi izoba phakathi kwamaqembu azongenla ukhetho ngegama leMKP.