Now Reading
Imisebenzi okanye kunxenxwa amavoti
Dark Light

Imisebenzi okanye kunxenxwa amavoti

Ukuntuleka kwemisebenzi kubantu bakuleli okuyintsha nasebekhulile kuvele obala namuhla ekuseni ngesikhathi kutheleka izinkulungwane zabangasebenzi eDurban Exhibition Centre, emcimbini wokwethulwa kohlelo lokudala amathuba omsebenzi iLabour Activation Programme.

Abantu abebeqhamuka ezindaweni ezihlukene kuMasipala iTheku bebelethwe ngezithuthi ezihlukene abanye bezifikele. Kuthe kushaya ihora lesikhombisa ekuseni bese kuvalwe ngomuntu, okuze kwaphoqa ukuthi kucelwe abezokuphepha nabezimo esiphuthumayo ngoba kusatshelwa ukuthi hleze kube nesiminyaminya. Okuhlalukile ukuthi umcimbi ubuzinyaziswe abaholi be-ANC beholwa uNdunankulu Wesifundazwe uNkk uNomusa MaDube Ncube.

Intsha ekhulume nelaboHlanga ethe isuka eMgababa ithe bekumenyezelwa ngombhobho endaweni ukuba inikele kule ndawo namuhla ukuze ibhalisele ukuqashwa. Akuyona kuphela okuvele ukuthi ayinalwazi ngokuthi bekuyini inhloso yokubizelwa kule ndawo.

UMzomuhle Mhlongo waseMobeni Height uthe uthole ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kuzolandwa amafomu okuthola imisebenzi yesikhashana. Ukuthutheleka kwentsha ngale ndlela kuvese isithombe sokuthi iningi engasebenzi futhi izinikele ukwamukela noma yini efika kuqala. Umbuzo omkhulu ngothi ngabe lolu hlelo kuhloswe ngalo ukutakula abangasebenzi noma yingxenye yokugaya ivoti.

Emaqenjini ezepolitiki ethule izethembiso zawo zokhetho kubavoti, eyokudala amathuba emisebenzi iseqhulwini. Ngaphansi kukasomqulu wokhetho we-ANC ithembisa ukudala amathuba emisebenzi engaphezu kwezigidi ezi-2.5 eminyakeni emihlanu.

Elinye iphuzu kulo somqulu likhuluma ngamathuba emisebenzi ayisigidi kubantu basemalokishini nabahlala ezindaweni zasemakhaya. Ngabe lokhu kuzokwenzeka kanjani kusekhona abasebenzi bakaMasipala weTheku osekuphele iminyaka beyitoho ngaphansi kwe-Expanded Public Works Programme.

See Also

Imizamo yesiteleka sabasebenzi ngoNhlolanja ayithelanga zithelo. Ekhuluma lapha uNgqongqoshe Wezemisenzi Nokuqasha uMnu uThulas Nxesi uthe iKwaZulu-Natal iyisifundazwe sokuqala lapho bethula uhlelo lokuqeqesha nokucija amakhono kwezamabhizinisi emisebenzi enhlobonhlobo.

“Zisemqoka izinhlelo zokuqashwa kweningi labantu ukuze kuliwe nendlala”. Uthe lolu hlelo lahlonzwa uMengameli uCyril Ramaphosa emuva kokukhathazwa izibalo ezinkulu zabangasebenzi. Omunye okhulume nelaboHlanga ocele ukungavezwa uthe ingane kuphela engaboni ukuthi kuyakhankaswa lana.

“Thina kade sibambe itoho ngaphansi kohlelo lukaMasipala weTheku lwePEP sihola izi-R4 500 ngenyanga. Lowo msebenzi wavele waphela esithubeni sibgatshelwanga lutho, nakhu ngoba sekuzovotwa sekuvumbuka imisebenzi. Sekuphelelephi ukuthi uhulumeni akayidali imisebenzi’.

Scroll To Top