UHlabisa ube wuvemvane oluhlobe ngezethembiso nolugcakagce lwakhomba indlela



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Usuku kade laqokwa nokwenza kwaba nesasasa. Imikhankaso yokuvukuza amalungu nayo ibiyizinkomba zokuzayo. Nembala lufikile olungaliwa, wafuka umzuzu wokuba iqembu lesine ngobukhulu kuleli Inkatha Freedoom Party (IFP) nayo ibe sesikalini saseMabhida, kuyisikhathi salo sokugiya.
Leli qembu bekungelesithathu emuva kokuthi lelo elikhulu kuleli i-African National Congress (ANC) nalelo lesithathu ngobukhulu i-Economic Freedom Fighters (EFF) begiyile ngaphambilini. Amehlo abethe njo hhayi kuphela kumalungu e-IFP ukuthi azokwenza okufanayo noma okwedlulele kunalezi ezinye izimbangi, kepha injolozela kakhulu bekusekutheni engabe umholi waleli qembu uHlabisa uzohlonishwa yini zinkumbi zabalandeli , balale ikhwelo lakhe lokuthi kayidibane eMabhida.
Lo mbuzo uphendulekile njengoba kuthe kuphakama ilanga kwabe sekundindizela izindlovu ziliqhamukisa kuzo zonke izinkalo. Empeleni inkaba yedolobha iTheku iqale ukunyakaza ngayizolo (ngoMgqibelo) kusihlwa. Lapha amalungu e-IFP engcwale izitaladi ekhomoza abantu, ebakhumbuza ukuthi uHlabisa usebebezile.
Engena enkundleni ebigcwele phama, uHlabisa obekubonakala ukuthi wanelisekile wakhe isithombe esimqoka hhayi kuphela kumalungu eqembu kepha nakubantu baseNingizimu Afrika. Lesi yisithombe seqembu elibumbene. Iqembu elifunda izindlela ezitsha zokwenza izinto neqembu lesimanje.
Inkulumo yuakhe eyendlalele amaphuzu ali-13 esikhongeli seqembu uHlabisa ube ngumkhulumeli wabaningi eNingizimu Afrika. Labo abangenamisebenzi, ingqalasizinda, abagutshuzelwe wububha nezinye izinkinga ezikhona ezweni. Ngokumamatheka abaningi bavumile ukuthi lapha uMntwana wabe eshiye ‘ indoda’ ngoHlabisa. Isizotha kanjalo namaphuzu awabekile enza waba ngumholi kazwelonke. Kulabo abebe ngabaza ukuthi engabe uzokwazi yini ukugiya endaweni lapho bekungiya khona uSuthu olumpondonde, izimpendulo zalokho zibe sobala.
Isikali esimqoka simbeke phezulu uHlabisa. Abantu be-Inkatha bamvumile. Abezindaba nabaholi mambanye amaqembu baqale phansi ukumbuka ngamanye amehlo lo mshayeli wenqola. Naye luqobo uNgotsha ubonakele enokuzethemba okumangalisayo.
Emlandweni uzongena njengomholi owagcwalisa iMabhida watshengisa abanye abafana ukuthi udosi lwe-Inkatha lusayingozi.