Now Reading
Wamukelwe ngezikhalo ngamanzi uRamaphosa oGwini
Dark Light

Wamukelwe ngezikhalo ngamanzi uRamaphosa oGwini

Kubantu abakhele uMasipala uMdoni eSouth Coast sekuyimpilo yansukuzonke ukuthenga amanzi noma bahambe ibanga elide beyowakha ezindaweni ezingomakhelwane ngenxa yokuntuleka kwawo.

Izolo uMengameli uCyril Ramaphosa uhlangatshezwe ngezikhalo ngamanzi emphakathini owakhele lo masipala kuze kuyoshaya eMzumbe nezinye izingxenye zePort Shepstone kuMasipala uGu. URamaphosa ubehambele izindawo ezisoGwini emkhankasweni wokhetho we-African National Congress (ANC). Bese kungokwesibala sikhathini esingaphansi kwenyanga uMengameli ekwelikaMthaniya kulandela ukwethula umqulu wezethembiso zokhetho weqembu lakhe eThekwini ngenyanga edlule.

Izakhamizi zitshele uMengameli ukuthi uMasipala Wesifunda uGu usuhlulekile ukulungisa inkinga yamanzi abakwenzayo ukuthumela amaloli amanzi ekubeni inkinga isamile. UMnu Sakhile Juta waseMzumbe ozikhalele kuMengameli uthe sebaphelelwa ithemba lokuthi bayophinde bawathole amandla ngendlela ababewathola ngayo kuqala ngoba iziphathimandla zihlala zibatshela into eyodwa. Inkinga yamanzi kulo masipala ayibhekene kuphela nezakhamizi, kepha namabhizinisi athwele kanzima. UNks uFlora Ross onendawo yokuwasha uthe ibhizinisi lakhe lishayeke kakhulu sekuze kwafika lapho enciphisa nesibalo sabasebenzi okuyisinqumo afinyelele kuso kanzima. Emuva kokuhlangana nabantu emawadini uMengameli uhambele inxanxathela yezitolo iMargate nalapho izikhalo zamanzi beziphambili kubantu. Umbiko Wekhomishini Yamalungelo Abantu wangoNdasa we-2023 owawucubungula izikhalo zabantu ngokungawatholi amanzi KwaZulu-Natal wabalula isiFunda uGu njengesinye esikhahlamezeke kakhulu.

Empendulweni yakhe uthe udaba lwamanzi bayalulungisa ezweni lonke futhi uNgqongqoshe wezamanzi Nenhlanzeko uMnu uSenzo Mchunu uxhumana nabobonke omasipala ababhekene nale nkinga ezweni, kanjalo noMasipala uGu uyasebenzisana nawo ekutholeni isixazululo.

Ekhuluma nomphakathi waseMzumbe uRamaphosa uvumile ukuthi kukhona lapho bengenzanga khona kahle njengohulumeni, kodwa nakuba kunjalo kuningi abakuzuzile okuhlomulise umphakathi. Ephawula ngamaqembu aphikisayo uthe konke akwethimba umphakathi kungamampunge nezifiso. “Bathatha umqulu wezethembiso zokhetho we-ANC bawuguqule bese bewethula kinina njengento yabo. Thina sinohlelo lokubusa lelizwe futhi sisazoqhubeka nokuguqula izimpilo zabantu,” 

See Also

URamaphosa uthe akangabazi ukuthi emuva kokhetho uKhongolose uzobe usesemandleni. Kuzwakale inhlokomo kubalandeli baleli qembu ngesikhathi ethi uhlelo lukahulumeni lokwakhela abahlwempu izindlu lusazoqhubeka futhi nomphakathi waseMzumbe usezinhlelweni zabazohlomula. Ngaphambi kokuhsmbela eMzumbe ngoMgqibelo uRamaphosa wethule inkulumo emcimbini wokukhumbula iminyaka eli-110 yeSilo uDinuzulu kaCetshwayo kwaCeza emcimbini obuhlelwe uhulumeni wesifundazwe. 

URamaphosa uthe ngesikhathi kukhunjulwa iminyaka eli-110 yeSilo uDinuzulu iNingizimu Afrika igubha iminyaka engama-30 yathola inkululeko. Uthe iSilo salwa ezimpini eziningi sibhekene nobunzima nokuvikela abantu endleleni yaso yokuba iSilo. Uncome amagalelo eSilo uDinuzulu ngokuba kuze kube sekugcineni engavumeli abaqoneli ukuba badle umhlaba woyisemkhulu. “ISilo uDinuzulu simele konke lokhu okumele thina njengesizwe siyakuzuza. Wahlonishwa njengeMengameli Waphakade weSouth African National Congress  eyagcina ishintsha kuba i-African National Congress. Uveze ukuthi laba likhulu iqhaza leSilo uDinuzulu ekubumbeni isizwe size sibe yilokhu esiyiso namuhla. Lo mcimbi ibihanjelwe amabutho nabezepolitiki.

Scroll To Top