Ithonsi lamanzi lingahle libe yisigwebo ngokhetho



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kubukeka iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) lizobhekana nenye inkinga njengoba kuyiwa okhethweni. Kulokhu inkinga ingamanzi. Udaba lwamanzi njengalolo lukagesi seluqalile ukuzwela emalungwini omphakathi kanye nasemabhizinisini. EGauteng isikhalo sikhulu njengoba idolobha elikhulu kunawo onke eNingizimu Afrika izakhamuzi zizabalaza ekutholeni ithonsi lamanzi. Ngesifanayo nakwezinye izingxenye zezwe njengoba amanzi ethuthwa nangamaloli kwazise kakukho lutho kompompi.
Izakhamuzi zaseThekwini nazo zikhala esifanayo njengoba kukhona nezithi zagcina ukuba namanzi ezindlini ngonyaka wezi-2022. UMkhandlu iTheku lithwele kanznima njengoba udaba lwamanzi lwabuye lwenziwa nzima yizikhukhula ezesabekayo nezawodloza ingqalasizinda.
Kanti ezindaweni zasemakhaya nakhona abantu bayakhala KwaZulu-Natal ukuthi oHulumeni Bendawo abehlukene bayehluleka ukuhlinzeka ngamanzi ezindlini kunalokho kugijima amaloli. Nakuwo lamaloli kukhona isililo ‘ngenkohlakalo; njengoba sekwaba khona abathola amathenda ngosizi lwamanzi.
Yize iminwe iqale yakhomba ku-ANC ezindaweni ezinjengakoSoweto, namanye amaqembu aphethe ezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal nakwezinye kukhona ukwethuka ukuthi ulaka lwabavoti lungahle luvele ngosuku lokhetho. Nase Kapa kukhona ukwesabela ukuthi ithonsi lamanzi lingaqhatha uHulumeni, iziphathimandla nabavoti. Yisimo esifanayo naseMpuma Koloni.
Ukuswelakala kwamanzi kulandela ukuphela kukagesi ezingxenyeni zezwe nosekukhinyabeze imiphakathi kanye nezimboni. UHulumeni neqembu elibusayo ngokwazi ubungozi njengoba kuza ukhetho nje wehla wenyuka uzama izixazululo nokho kokunye kuyabonakala ukuthi akukho okutheni angakwenza njegoba kokunye inkinga ikuyo ingqalasizinda esiziwohlokela.
Olunye udaba ngamanzi kuleli ngoluthi yize izibalo zithi abantu abangama-90% eNingizimu Afrika bayawathola amanzi indaba iba ekuphepheni kwala manzi. Ezinye izingqinamba kuba yingqalasizinda, ubugebengu nobunzima ukuwathola ngisho ekhona. Indawo nje yaseJozini KwaZulu-Natal iyisibonelko salokho lapho kukhona amanzi amaningi ezilwane nezokuvakasha kepha imiphakathi ingenawo amanzi.