Now Reading
AbaseKenya babambe ikhonsathi eliyisikhumbuzo
Dark Light

AbaseKenya babambe ikhonsathi eliyisikhumbuzo

Amakhulu abantu baseKenya bebehambele ikhonsathi enhlokodolobha iNairobi izolo, becula iziqubulo bedansa, ukukhumbula abantu abangaphezu kwamashumi amathathu ababulawa emibhikishweni yakamuva emelene nohulumeni.

Okungenani abantu abangama-39 babulawa emibhikishweni eqale ngoNhlangulana  zili-18, ngesikhathi ababhikishi befuna ukunyuswa kwentela kuqedwe kanye nokwesula kukaMengameli uWilliam Ruto.

“UHulumeni uyezwa manje ngenxa yemibhikisho. Ngakho-ke sijabulile, kodwa futhi kukhulu ukudabuka ngoba baningi abantu abafa ukuze uHulumeni alalele,” kusho isishoshovu uBoniface Mwangi, obehambele ikhonsathi.

“Ngakho nathi siyalila, futhi sitshela imindeni yalabo abashonelwe abathandekayo babo, sinabo, futhi sizowuhlonipha umnikelo wabo.”

Ekhonsathini yabaculi bendawo e-Uhuru Park, indawo enkabeni yeNairobi, intsha ibiphethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi “RIP Comrades” kanye nokuthi “Sithembisa ukuthi sizoqhubeka nokulwa”, kuyilapho isixuku sicula  sithi “Ruto must go”. Abanye babebethela iziphambano emhlabathini.

See Also

Njengoba imibhikisho ishuba ngenyanga edlule, uRuto wawuchitha umthethosivivinywa wezezimali, obuzokwethula intela entsha abantu baseKenya abathi ibizonyusa izindleko zokuphila ezivele ziphezulu.

Ikhonsathi yangeSonto ibingosuku lweSaba Saba, likaNtulikazi ziyisi-7, okuwusuku lwangowe-1990 lapho kwaqala khona imibhikisho efanayo eyagcina iphoqe uhulumeni womholi ongasekho uDaniel Arap Moi ukuthi abuyisele izwe kwezepolitiki yamaqembu amaningi.

Scroll To Top