Amaqembu alwela amalungelo eKenya akhala ngokuthunjwa



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Isishoshovu saseKenya uBill Eugene Omollo wayegoduka sekumnyama endaweni yangakubo eNairobi ngoNhlangulana zingama-20 ngesikhathi ebona inkinga – amadoda amabili embheke eduze kwemoto emhlophe ebimile engenazo izinombolo.
Lesi sihoshovu esineminyaka engama-28 ubudala besibandakanyeke emibhikishweni eholwa yintsha ebambe iKenya kusukela ngenyanga edlule kanti ubededelwe ngamaphoyisa emahoreni ambalwa edlule kulandela ukuboshwa kwakhe komunye wemibhikisho.
Wamemeza ecela usizo. “Kodwa abantu babebaleka kwabona. Ngakho bangithumba, ” kubeka lesi sishoshovu sibikela abeReuters.
Inqwaba yabantu baseKenya ibhekene nokuthunjwa okufanayo emasontweni amabili edlule, kusho izinhlangano ezilwela amalungelo abantu, ezisola ukuboshwa ngokungemthetho kwabantu kwezobunhloli baseKenya.
Njengoba le mibhikisho ihlelwe ku-inthanethi futhi ingenabaholi, le mbhikisho – eqale yaba ikhwelo lokuqeda ukunyuswa kwentela – usuthuthuke waba wumbhikisho enqamule ukuhlukana kwezobuhlanga eKenya, yaba usongo olukhulu kuMengameli uWilliam Ruto.
Yize uRuto ekuhoxisile ukunyuswa kwentela, ukuphendula ngesandla sensimbi imibhikishweni – amaqembu emikhankaso abike ukuthi kuboshwe amakhulukhulu abantu kanye nokufa kwabantu okungenani abangama-39 – sekukhulise ukwesaba ukuhlehla kwamalungelo.
“Mina noMengameli sathembisa abantu baseKenya ukuthi udaba lokuthunjwa nokubulawa kwabantu ngaphandle kwenkantolo ngeke kuphinde kwenzeke,” kusho iPhini likaMengameli uRigathi Gachagua enkulumweni yakhe kuthelevishini. “Ngokudabukisayo, lokhu kubuyile.”
Okhulumela amaphoyisa akazange asiphendule isicelo sokuthi aphawule ngokuthunjwa kwabanatu. NoNoordin Haji, umqondisi wezobunhloli eKenya akazange aphawule.
Engxoxweni abe nayo ngeSonto, uRuto ukuphikile ukuthi amaphoyisa ayabandakanyeka ekudukeni kwabantu kodwa wavikela kabanzi okwenziwa ngabezokuphepha. Kodwa-ke, u-Irungu Houghton, umqondisi omkhulu we-Amnesty International Kenya, utshele abeReuters ukuthi kunamacala acacile okuhlukumeza.