NGIWULUNGELE: UNgqongqoshe Wezokuvikela uthi umsebenzi ungangaye
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezokuvikela osanda kuqokwa, u-Angie Motshekga, uthi uwulungele lo msebenzi. UMotshekga, owake wahola uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo, umenyezelwe njengoNgqongqoshe Wezokuvikela ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela iKhabhinethi yakhe ngeSonto.
Yize abanye bejabulile ngokuthi uNgqongqoshe uRonald Lamola ukhishwe kwezamajele waya kwezamazwe, kuke kwanongabazane ngokufakwa kukaNgqongqoshe u-Angie Motshekga esikhundleni sezokuvikela. Manje njengoba ukhetho selufikile futhi lwadlula, sekufanele uHulumeni usebenzele abantu.
Le Khabhinethi entsha ifunge ukuthi izoletha futhi ibeke izidingo zabantu baseNingizimu Afrika phambili. NjengoNgqongqoshe Wezokuvikela osanda kuqokwa okugxekwe kakhulu ukuqokwa kwakhe.
UMotshekga, nokho, uzibophezele ekusekeleni izinhlelo zomanduleli wakhe. “Ngizosebenza neqembu; ukubhekana nezinkinga nezinselelo uma zikhona. Ngoba kuyo yonke iminyango, kuzoba nezinselelo,” kusho uMotshekga.