UNetanyahu uchitha ikhabethe lakhe lempi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNdunankulu wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu usehlakaze iKhabhinethi yempi enamalungu ayisithupha, kusho isikhulu sakwa-Israel ngoMsombuluko, esinyathelweni ebesilindelwe abaningi esiqhamuke ngemuva kokushiya uhulumeni kwalowo owayenguJenene u-Benny Gantz.
UNetanyahu manje kulindeleke ukuthi abambe izingxoxo mayelana nempi yaseGaza neqeqebana longqongqoshe, okuhlanganisa noNgqongqoshe Wezokuvikela u-Yoav Gallant kanye noNgqongqoshe Wezindaba Zamasu uRon Dermer owayekade esekhabhinethi yezempi.
UNdunankulu ubebhekene nezimfuno ezivela kubalingani kumfelandawonye wakhe, wokuthi uNgqongqoshe wezeziMali uBezalel Smotrich kanye noNgqongqoshe Wezokuphepha Kuzwelonke u-Itamar Ben-Gvir, bafakwe kwikhabhinethi yezempi, okuyisinyathelo ebesizoqinisa ukungezwani nabalingani bamazwe omhlaba kubandakanya neMelika.
Lesi sithangami sasungulwa ngemuva kokuthi uGantz ejoyine uNetanyahu kuhulumeni wobumbano kuzwelonke ekuqaleni kwempi ngoMfumfu futhi kuhlanganisa nomlingani kaGantz uGadi Eisenkot kanye no-Aryeh Deri, inhloko yeqembu lezenkolo i-Shas, njengezibukeli.
UGantz no-Eisenkot bobabili bashiye kuhulumeni ngesonto eledlule, mayelana nabathe kudalwe ukwehluleka kukaNetanyahu ukwakha isu lempi yaseGaza.