Ngabe ne-EFF ingaphelela kuHulumeni Wobumbano
Emaqenjini ali-18 ePhalamende ali-10 kuwo azibophezele ukungena ngaphansi kukaHulumeni Wobumbano.
Ngesikhathi kuqala izinkulumo ngohulumeni Wobumbano, amaqembu abephambili i-ANC, iDA, i-IFP. Emuva kokungeneliseki kwamaqembu amancane ngokushiywa ngaphandle, asungule umfelandawonye iProgressive Caucus eholwa i-United Democratic Movement ne-African Transformation Movement. I- Economic Freedom Fighters ikusho zisuka ukuthi angeke ibe ingxenye yalo hulumeni uma kukhona phakathi iDA. Kube ngesifanayo nakuDA eyathi lingawa licoshwe izinkukhu uma ingadla ngankezonye ne-EFF noMkhonto Wesizwe. Njengoba kusengongaphansi nongaphezulu ngezingxoxo zokuqokwa koNgqongoshe, iyaqina imibiko ethi i-EFF kungekudala izongena ngaphansi kukaHulumeni Wobumbano.
“Njengoba esemaningi amaqembu amancane ayingxenye kahulumeni, udosi lweDA luzoya ngokuphelwa Amandla,” kusho ilungu laleli qembu KwaZulu-Natal ebelipotshozdela leli phephandaba ngokuqhubekayo. Lithe sekukaningi ubuholi be-EFF buhlangana ne-ANC kodwa kungaphumi sinqumo. Elinye lamaqembu amancane elingene ngaphansi kukaHulumeni Wokubambisana kuleli sonto i-Al Jamm-Ah eholwa nguGanief Hendricks. Lo mholi uthe bathathe isinqumo sokungena kuhulumeni ngoba befuna ukuba izwi labo njengamaqembu amancane kuzwakale.
“Ngaphambi kokuzibophezela sihlale phansi sabheka amaphuzu amqoka nokuthi zithini izivumelwano zamaqembu. Sihlangane nobuholi be-ANC emazingeni ahlukene, saneliseka ngomphumela’. Uthe akangabazi ukuthi kungekudala i-EFF izomemezela ukuthi iyazibandakanya nohulumeni okuzokwenza bakwazi ukulwa neDA sebengaphakathi futhi behlangene.
“Emqulwini wezivumelwano sathola ukuthi iDA ayinamandla, empeleni iyafana nawowonke amaqembu akuhulumeni wobumbano kodwa yona iphoqa ukuzenza abehlukile.” Uthe amaqembu amancane angene kuhulumeni ngokufuna ukusebenzela abantu, kodwa lokho bazokuzuza kahle ngokunciphisa amandla eDA ukuze nayo izazi ukuthi iyafana namanye amaqembu.