Now Reading
I-UCT iduba izikhungo zemfundo ezizihlanganisa nombutho wakwa-Israyeli
Dark Light

I-UCT iduba izikhungo zemfundo ezizihlanganisa nombutho wakwa-Israyeli

UMkhandlu WaseNyuvesi YaseKapa (i-UCT) wamukele isinqumo esiphakamisa ukuthi le nyuvesi iziqhelelanise zonke izikhungo zezemfundo zakwa-Israel kanye nabacwaningi abangaphansi koMbutho Wezokuvikela wakwa-Israel. Lesi sinqumo siphasiswa phakathi kwempi eqhubekayo eseGaza.

Ngokwesinqumo, asikho isifundiswa sase-UCT esingangena ebuhlotsheni, noma siqhubeke nobudlelwano nanoma yiliphi iqembu locwaningo noma inethiwekhi exhumene ne-Israel Defence Force, noma isikhungo sezempi sakwa-Israel.

Okhulumela i-UCT, uVelisile Bukula, uthe bafuna nokuthi kumiswe umbango unomphela futhi kuvunyelwe nosizo lwabantu lungene eGaza.

See Also

“UMkhandlu ukugxekile ukucekelwa phansi komkhakha wezemfundo eGaza kanye nezinga elikhulu lokubulawa kothisha nabasebenzi basemanyuvesi kule mpi ekhona. UMkhandlu unxuse amazwe omhlaba ukuthi aqinisekise ukuthi ukuhlinzekwa kosizo lwabantu kubandakanya nokubuyiselwa komkhakha wezemfundo eGaza kuyenzeka.

Scroll To Top