Now Reading
Awathelelani amanzi awaseSudan yize kade eseCairo
Dark Light

Awathelelani amanzi awaseSudan yize kade eseCairo

Amaqembu ezepolitiki aphikisanayo eSudan ahambele ngokusemthethweni izingxoxo zokubuyisana eCairo izolo, okungokokuqala selokhu kwaqala umbango kuleliya lizwe cishe ezinyangeni ezili-15 ezedlule, kodwa avumile ukuthi mancane amathemba okuqeda ngokushesha impi.

Ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela, iDemocratic Bloc, ehambisana nombutho wezempi, yenqabile ukuba nemihlangano neqembu iTaqaddum, elisola ngokuzwelana neRapid Support Forces (RSF). Amasosha kanye neRSF ayizange ibe khona.

Impi yaseSudan yaqala ngoMbasa wezi-2023 futhi yaphoqa abantu abacishe babe yizigidi eziyi-10 ukuthi basuke ezindlini zabo, kwaqubula izexwayiso ngendlala namagagasi odlame oluqhutshwa ngokobuhlanga okusolwa kakhulu iRSF ngalo.

kuleli sonto iRSF igadle esifundazweni iSennar, yadala ukufuduka okusha. Ephendula lokhu kugadla, inhloko yamasosha uGeneral Abdel Fattah al-Burhan uthe amasosha ngeke axoxisane neRSF noma abasekeli bayo.

“Ukuwohloka okukhulu kwesimo sokusiza abantu kanye nemiphumela eyinhlekelele yale nhlekelele kusicela sonke ukuthi sisebenzele ngokushesha nangokuqhubekayo ukumisa ukusebenza kwezempi,” kusho ungqongqoshe wezangaphandle waseGibhithe osanda kuqokwa u-Badr Abdelatty.

See Also

Izingxoxo eJeddah phakathi kombutho kanye ne-RSF ezazixhaswe yi-USA kanye neSaudi Arabia zawohloka ekupheleni konyaka odlule.

ITaqaddum iwumfelandawonye wamaqembu asekela intando yeningi, amaqembu ahlomile, nezinhlangano zomphakathi ezicele ukuthi impi iphele. IDemocratic Bloc ehambisana nombutho ihlanganisa abaholi bamaqembu ahlomile ababambe iqhaza ekulweni.

Scroll To Top