Now Reading
AbeMK bamashe ngokuthula, amaphoyisa abakaza
Dark Light

AbeMK bamashe ngokuthula, amaphoyisa abakaza

+13
View Gallery

Ngaphambi kombhikisho wezinkulungwane zamalungu oMkhonto Wesizwe obubheke eNkantolo Enkulu yaseMgungundlovu leli qembu belikhiphe umyalelo onqala wokuthi labo abayophambana nomthetho ngokulimaza impahla nokudala udlame emphakathini bayobhekana nokuqondiswa ubugwegwe yiqembu.

Le mashi ebibanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi, ‘Asivumi’ ibihanjelwe ngamalungu aphuma emagatsheni akhele uMgungundlovu namaphethelo eMK. Ithe isuka nje ngaphandle kwesikhungo sezemfundo i-Unisa eMgungundlovu abaholi beqembu baphinde bakugcizelela ukuthi amalungu athobele umthetho kungabi khona nokuncane ukuphuma endleleni ngoba kuzodunga inhlosongqangi yemashi kugxilwe kokubi.

“MaComrades asingavumeli ukuthi labo abathathe isinqumo sokutshala amaphoyisa KwaZulu-Natal bathole ithuba lokweseka isinqumo abasithatha ngoba njengoba lawa maphoyisa elapha nje akhokhelwa imali enkulu kodwa azipholele,” kusho omunye umholi weMK obekhuluma ngombhobho. Izingqwembe ebezibhebhezela phezulu bezibhalwe ukuthi, Asivumi ukulawulwa i-IEC ezinye zikhomba ngenjumbane uKhomishana uLove ngokuchema ne-ANC.

Kusuka iNhlangano Ezimele Yokhetho kuleli yakhipha imiphumela yokhetho eyachithwa yiMK, kutshalwe amaphoyisa KwaZulu-Natal ukuqapha isimo ngenxa yokusabela ukuthi kungabheduka udlame. Sekuphele amasonto amathathu lamaphoyisa atshalwe eThekwini naseMgungundlovu engomantuntanendishi ngenxa yokuthi lolu dlame olwalubikezelwa kalukho esikhundleni salokho iMK ilwa lolu daba ngokulandela umthetho.

See Also

Izolo kube ngokokuqala ukuba amaphoyisa abonakale esebenza. Kusuka ekuseni emzileni obheke eNkantolo Enkulu bese kuthe shayi amaphoyisa abeqaphe ukuthula. IKhomishini Ezimele Yokhetho isamile ekutheni abukho ubufakazi obubambekayo obethulwa uMkhonto Wesizwe obuwufakazi bokuthi kwaba nokwenzelela ngemiphumela yokhetho. Ngokusho kokhulumela uMkhonto Wesizwe KwaZulu-Natal uMnu uVincent Mdunge leli qembu lizoqhubeka nokusebenzisa zonke izindlela ezisemthethweni ukufinyelela ezimpandeni zokurojwa okhethweni lwakamuva.

UMdunge uveze ukuthi kungamampunge ukuthi abakaze babulethe ubufakazi obubambekayo kuKhomishini Yokhetho, kepha wasola yona ngokuhlunga ubufakazi kulokhu ababekuthumele kuyo ngesikhathi befaka isikhalo ngokhetho. Amalungu aleli qembu abeyingxenye yemashi athe ngaphandle komyalelo weqembu wokugcina ukuthula noma yinini lapho kunemibhikisho, yiyona mbewu abayigqugquzelayo kuwona wonke amalungu. Khonamanjalo liyabuyela eNkantolo namuhla icala lenkohlakalo elibhekene nesikhulu seKhomishini Yokhetho okuthiwa sabanjwa sishushumbisa amaphepha okuvota ngosuku lokhetho. Leli cala lavulwa uMkhonto Wesizwe.

Scroll To Top