Lingakakhali iqhude i-ANC iziveze njengabayigqizi qalaka eyokulwa nenkohlakalo
Ngesikhathi i-ANC iphasisa umthetho othi labo asebenindekile emacaleni enkohlakalo namanye ahlukahlukanene kwaze kwafika ezingeni lokwethweswa amacala izinkantolo kumele bahoxe ezikhundleni okungaba kuHulumeni okanye enhlanganweni, kwaba yisiphakamiso esashayelwa ihlombe.
Ekwesekeni lesi siphakamiso i-ANC yabeka iphuzu lokuthi ikwenza lokhu ukuze asebenindekile bakwazi ukubhekana ngendlela nesimo sabo ngaphandle kokuzihlanganisa nomsebenzi kaHulumeni noweqembu.
Lo mthetho owaziwa nge”Step Aside” wachazwa yiqembu njengendlela yokuzihlanza nokukhombisa izwe ukuthi iyiqembu elimelene nobugebengu banganoma obaluphi uhlobo. Owabe eyiMeya eThekwini owayesejutshwe yi-ANC eSishayamthetho KwaZulu-Natal uNkk uZandile Gumede waba ngowokuqala ukushaywa yilo mthetho. wahoxiswa eSishayamthetho enezinsukwana efungisiwe.
Kulandele uNobhala Jikelele we-ANC uMnu u-Ace Magashule waqala ngokumiswa esikhundleni ngenxa yalo mthetho. Akugcinanga lapho uMagashule wabuye waxoshwa ku-ANC. Yize esengaphandle kwaleli qembu usahamba icala lenkohlakalo elenzeka ngesikhathi esenguNdunankulu waseFree State okuyisikhundla asiphatha amahlandla amathathu. Muva nje obenguSomlomo wePhalamende uNkk uNosiviwe Mapisa-Nqakula kuphoqelekile ukuba asule esikhundleni emuva kokubekwa amacala enkohlakalo ngokwamukela intshontsho kusomabhizinisi owabe esebenzisana noMnyango Wezokuvikela ayewuhola ngaleso sikhathi.
Emikhankasweni yokhetho lwakamuva uMengameli we-ANC uMnu uCyril Ramaphosa ubekubeka phambili ukuzihlanza kwe-ANC eqhakambisa nokuphasiswa kwalo mthetho njengendlela iqembu elikhombisa ngayo ukuthi limelene kanjani nenkohlakalo.
Okwakamuva ukubekwa amacala kukaMnu uZizi Kodwa owabe enguNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko. UKodwa ubekwe amacala enkohlakalo afaka phakathi ukushintshana ngemali waboshwa wavela eNkantolo yeMantshi iPalm Ridge zi-5 kuNhlangulana emuva kwalokho wafaka incwadi yokwesula esikhundleni. UKodwa uthweswa amacala nje ubephambili ohlwini lwamalungu e-ANC azoya ePhalamende likaZwelonke.
Izolo i-ANC iqede ukuqagula ngesikhathi uKodwa efungiswa kanye namalungu angama-58 oMkhonto Wesizwe afungiswe okokuqala kulandela ukungawuhambeli umcimbi wokuvulwa kwePhalamende ngesonto eledlule bekhala ngokuthi abanelisekile ngemiphumela yokhetho.
Kulokhu injolozela ibingekho emalungwini oMkhonto Wesizwe kepha ibikuKodwa. Eziphungela uthe iqembu lakhe i-ANC yilo elizokwazi ukuphendula ukuthi kungani efungiswa ePhalamende okumqoka kuye bekuwukuthi ahloniphe umyalelo wokuba azofungiswa njengelungu lePhalamende.
Ezinkundleni zokuxhumana udaba lokufungiswa kwakhe beluphambili abantu bekhuza ibhadi bebabaza nokungabi namgogodla kwe-ANC ngomthetho iStep Aside. Kukhona abathi i-ANC ibilindele ukuba abantu bayivotele bese iyaziveza ukuthi iwuhlobo luni lwenhlangano. “Kuyacaca ukuthi leli qembu alinandaba nokulwa nenkohlakalo nokuthi abantu bathini okumqoka kubo ukunikana umsebenzi”.
“Bathi labo abazibiza ngezingwevu ze-ANC njengoMavuso Msimango bathini uma sekunje” kubhala iSikaula Machabane enkundleni uX. UMnu u-Omri Mogale ongumhlaziyi wezepolitiki nengwevu ye-ANC uthe baphoxekile ngeqembu labo eseliziveze ubulona lingakakhali neqhude. “Kuyacaca ukuthi kuningi esisazokuzwa okuphambene nalokhu abantu ababekuvotela ku-ANC ngoba kusobala ukuthi abantu ayibalaleli”.
UMogale uthe abukho ubulungiswa kulokhu okwenziwe i-ANC futhi nalo mthetho weStep Aside ubonakala ukhetha amabala okwenza kucace ukuthi usebenza kuphela kulaba abaphikisana nobuholi obuphezulu bese uvuna abathobela umthetho. Uthe abakwenzile kuchaphazela iqembu lonke kusuka kwabaphethe eLuthuli House. Uthe umphakathi usele nesithombe sokuthi leli qembu alikugqizi qakala ukulwa nenkohlakalo.
UKodwa enkantolo
Evela eNkantolo okokuqala emuva kokhetho uKodwa wathi akanalwazi ngamacala abekwe wona ngaphandle kobufakazi okukhulunywa ngabo okuthiwa bethulwa kuKhomishini Engokugwamandwa Kwamandla Ombuso eyayiholwa uMehluleli uZondo. Wathi uyazi ukuthi icala lakhe lisatshalaliswe ndawo zonke ngisho nakulabo abangazi lutho ngaye abasho nezinto kwayena angazazi. Uboshwe kanye noMnu uShehan McCain owabe enguMqondisi wenkampani eyamnika intshontsho lika-R1.6 million athi kwabe kungumnikelo oqondiswe ku-ANC.