Ukube bekuya ngezifiso zeningi labantu baseNingizimu Afrika isifundazwe i-Eastern Cape besingabuswa kangcono i-United Democratic Movement (UDM) ngoba bebona kuseyilona qembu elinezimpande ebantwini bakulesifundazwe kune-African National Congress.
OwayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu uJacob Zuma, ongumholi weqembu uMkhonto Wesizwe (MK), uhlangane nabalandeli bakhe ngaphandle kweNkantolo YoKhetho eGoli ngoMsombuluko, wamemezela ukuthi impi yabo ne-Independent Electoral Commission (IEC) isekude ukuphela.
Udaba oluseyiva elingabanguleki ku-ANC lwemali eyebiwa epulazini likaMengameli uCyril Ramaphosa iPhala Phala yilo elingenza uKhongolose uzithole usekhoneni ngeqembu ozobambisana nalo kuzwelonke.
UKhongolose ungahle uphoqeleke ukuthi umeme izingwevu ukuba zizocubuza amagabade.
Bathwale kanzima abaqaphi bakaMnu uJabulani Khumalo obengumholi woMkhonto Wesizwe ngesikhathi abalandeli baleli qembu bethi abamudle luhlaza.
UMengameli uCyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini yase-Eastern Cape ekhahlanyezwe yizikhukhula ezihlasele eNelson Mandela Bay, eBuffalo City, eKariega, nakwezinye izindawo esifundazweni.
Okhethweni oluyingqophamlando, uClaudia Sheinbaum ube ngumoMengameli wesifazane wokuqala waseMexico, uthole ukunqoba okubalulekile ngamalengiso okungumlando.
Leli qembu liye okhethweni limagange ngokwandisa ukumeleleka kwalo kuzwelonke nasezifundazweni.
UMengameli weqembu uHlabisa wayethe bayoseka loyo oyobe ekhethwe ngabantu.
Ukukhuluma kuthi inkulu inkombankombane kubaholi abasesigungwini esiphezulu abadabuka KwaZulu-natal abakhala ngokuthi bebengaziswa ngezinhlelo ze-ANC.
IRandi laseNingizimu Afrika lehle ngamaphesenti angaphezu kwesigamu uma liqhathaniswa nedola lase-USA phakathi nokukhathazeka okukhulayo ngemiphumela yokhetho lukazwelonke.
Abavoti ababhalisile abafike ukuzovota ngoLwesithathu bahlangabezene nolayini onzima kanye nezinkinga zobuchwepheshe ngemishini yokuphatha abavoti.
Emuva kosuku kudlule ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe, amaphoyisa KwaZulu-Natal aphenya imibiko ngabantu abathathu okuthiwa babulewe esikhungweni sokuvota.
Iungo sokuvota sokuqala okubalwe kuso amavoti emuva kokuvalwa ngehora lesi-9 izolo kusihlwa iMbizana Baptist Church e-Eastern Cape i-ANC inqobe ngama-99% wamavoti kulesi sikhungo.
Izinkomba zakuqala zamavoti angama-21.11% zikhomba ukuthi i-African National Congress (ANC) isemathubeni okulahlekelwa ngamaningi ePhalamende, nokuwushintsho olukhulu kwezombusazwe eNingizimu Afrika.
Ukuze kuthotshelwe umthetho futhi kusekelwe ukhetho olukhululekile nolulungileyo, kubalulekile ukwazi ukuthi yikuphi okufanele kushicilelwe ezinkundleni zokuxhumana ngosuku lokhetho, kusasa.
Njengengxenye yokuvikela abanikazi bezitolo ezingamaSpaza Shops emalokishini i-Action SA KwaZulu-Natal ithathe umkhankaso wayo obizwa nge#Spaza4Locals yawuyisa elokishini eMlazi lapho kunezitolo eziningi eseziwele ezandleni zabantu bangaphandle.
Ukukhala ngaphansi emizamweni yokungenela ukhetho lukazwelonke nolwezifundaweni kweqembu labasebenzi iLabour Party kufane nezehla kuMkhonto Wesizwe njengoba linqume ukuthi lizokweseka iMK ngoLwesithathu.
Izikhongeli zokhetho emaqenjini ngokwehlukahlukana kwawo umyalezo ubuthi, sekusezandleni zabavoti.
ULai Ching-te ungene esikhundleni njengoMengameli omusha waseTaiwan ngoMsombuluko.
UMholi Ophakeme wase-Iran u-Ali Khamenei uqinisekise iPhini Lokuqala likaMengameli uMohammad Mokhber njengenhloko yesikhashana yeSigungu Esiphezulu Sezwe ngoMsombuluko kulandela ukushona kukaMengameli u-Ebrahim Raisi engozini yendiza enophephela emhlane.
U-Israel uqale umkhankaso omusha enkabeni yeGaza ngoMsombuluko, wahlasela amadolobha asenyakatho wathi uhlose ukwandisa ukusebenza kwayo kwezempi eRafah.
Abaholi bamaqembu ezepolitiki kule mpelasonto bazothola ithuba lokugcina lokukhankasa ngenhloso yokunxenxa amavoti njengoba ukhetho lukazwelonke selusemome.
IDemocratic Alliance ithi nangale kokhetho izoqhubeka nokufaka ingcindezi ekutheni uHulumeni ozophatha ukuba uhoxise abombutho wezokuvikela kuleli emazweni angaphandle ukuze ugxile ekuvukeleni imingcele yakuleli.