U-Israeli ifunga ukuthi uzoqhubeka nokugadla eRafah phezu kwempi eGaza
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
U-Israel uqale umkhankaso omusha enkabeni yeGaza ngoMsombuluko, wahlasela amadolobha asenyakatho wathi uhlose ukwandisa ukusebenza kwayo kwezempi eRafah naphezu kwezixwayiso zase-USA mayelana nobungozi bokulimala kwabantu abaningi edolobheni eliseningizimu.
Odokotela baseGaza bathe okungenani bangama-23 abantu abashonile ezimpini zakamuva, kanti izakhamuzi zithi izimpi zishubile eJabalia enyakatho nePalestine.
Ombayimbayi bakwa-Israel baphinde bangena ezindaweni zaseWadi Al-Salqa nase-Al-Karara eduze kwaseDeir Al-Balah, idolobha elimaphakathi neGaza lapho amasosha akwa-Israel angangenanga khona phakathi nezinyanga ezingaphezu kweziyisikhombisa zempi, kusho izakhamizi zendawo.
Izimpi ziqhubekile nokushuba ngesikhathi uMeluleki Wezokuphepha Kuzwelonke wase-USA uJake Sullivan ebambe izingxoxo kwa-Israeli lapho i-lWhite House ithe uSullivan uzonxusa amasosha akwa-Israel ukuthi alandele amabutho eHamas eGaza ngendlela ehlosiwe nehlelekile, hhayi ngokuhlasela ngokuphelele eRafah.
Kodwa uNgqongqoshe Wezokuvikela wakwa-Israeli uYoav Gallant ukuvezile ukuthi ngeke lelizwe lithambise umkhankaso walo wezempi, okuhloswe ngayo ukususa “izidlamlilo” zeHamas eRafah kanye nokuhlenga abathunjwa ababebanjwe ekugaseleni okwakuholwa yiHamas kwa-Israeli mhla ziyisi-7 kuMfumfu okwadala impi.
“Sizibophezele ekwandiseni umkhankaso wethu wezempi eRafah kuze kube sekupheleni kokuhlakaza i-Hamas kanye nokubuyisela ababethunjiwe,” isitatimende esiphuma ehhovisi likaGallant simcaphune etshela uSullivan.
U-Israeli uchaza iRafah, esemngceleni weGaza neGibhithe, njengenqaba yokugcina yeHamas. Amazwe aseNtshonalanga akhathazekile ngamakhulu ezinkulungwane zabantu basePalestine abafudukayo abakhosele lapho, naphezu kokuqinisekiswa kwe-Israel mayelana nokuvikela abantu.
Uhlelo luka-Israeli lokuhlasela ngokuphelele eRafah seludale ukungezwani okukhulu nozakwabo omkhulu, futhi iWashington yabamba ukuthunyelwa kwezikhali ngenxa yokwesaba ukufa kwabantu abaningi.