Isithombe sikhombisa ukuthi i-ANC izozidlela amahlanga e-Eastern Cape
Isikhungo sokuvota sokuqala okubalwe kuso amavoti emuva kokuvalwa ngehora lesi-9 izolo kusihlwa iMbizana Baptist Church e-Eastern Cape i-ANC inqobe ngama-99% wamavoti kulesi sikhungo.
Le miphumela iveze isithombe sokuthi lesi sifundazwe kungenzeka kube yiso lapho uKhongolose unqoba kuso ngamalengiso. Ngaphambi kokhetho abahlaziyi bebeqagula ukuthi i-ANC e-Eastern Cape izokwenyuswa ukwesekwa kwayo ngenxa yomlando wezepolitiki. Ngesikhathi sokuloba lapha ezikhungweni zokuvota ezingama-218 ebese zibaliwe KwaZulu-Natal, uMkhonto Wesizwe (MK) ubusahamba phambili ngamavoti angama-38,7 kulandele ezithendeni i-ANC ngama-33,3.
IKwaZulu-Natal ngesinye isifundazwe okubhekwe ukuthi ukuncintisana kuso kube lukhulu ngenxa yokuba ngesesibili esinabavoti abaningi. Okwamanje kusewumqansa ukusho ukuthi yiliphi iqembu elizophumelela okungase kwenzeke ukubambisana kwamaqembu njengoba kusalindwe imiphumela yasenyakatho yesifundazwe lapho i-Inkatha Freedom Party yesekwa khona kakhulu. Emavotini angaphansana kwe-1% kuzwelonke i-ANC isazihola phambili ngamavoti angama-53%, kulandele iDemocratic Alliance ngama-20,2%, i-Economic Freedom Fighters inamavoti ali-7,7%, uMkhonto wesizwe 5% kulandele iPatriotic Alliance ngo-4% neFreedom Front Plus ku-2,7%.
Umhlaziyi wezepolitiki ozinze eNyuvesi iWalter Sisulu uSolwazi uMpumelelo Breakfast uthe kuseva ukuthi sekungaqala kuthiwe ukhetho luya ngakuphi kodwa isithombe esibonakalayo njengamanje ukuthi kuzoba khona ukubusa ngokubambisana kohulumeni. Uthe kulokhu intsha eningi iphumile yayovota kulolu khetho ngethemba lokuthi impilo yayo izoguquka.