Now Reading
IMK ithole izehla zevoti kuMathunjwa nezakhe
Dark Light

IMK ithole izehla zevoti kuMathunjwa nezakhe

Ukukhala ngaphansi emizamweni yokungenela ukhetho lukazwelonke nolwezifundaweni kweqembu labasebenzi iLabour Party kufane nezehla kuMkhonto Wesizwe njengoba linqume ukuthi lizokweseka iMK ngoLwesithathu.

Umholi weLabour Party uMnu uJoseph Mathunjwa owazakhela udumo emuva kwesibhicongo saseMarikana ngokuhola inyunyana i-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu), uthe alikho elinye iqembu ababone kufanele ukuthi basebenzisane nalo njengeMK. ILabour Party  kanye ne-African Congress for Transformation eholwa nguMnu u-Ace Magashule ngamaqembu athe azonikezela amavoti awo kuMkhonto Wesizwe.

Lamaqembu achithwa yiKhomishini Ezimele Yokhetho esicelweni sayo sokuba ajobelelwe njengazongenela ukhetho okanye ukhetho luhlehliswe emuva kokwehluleka ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wokuthunyelwa uhlu lwamagama amalungu.

Ephuzwini ayezikhalela ngalo ngelokuthi ubuxhakaxhaka besimanje ngasohlangothini lakwa-IEC babunezinkinga okwagcina kubavimbela  ukwamukela uhlu lwabo yize konke babekwenze kwaphelela ngesikhathi esasinqunyiwe. INkantolo Yezokhetho yanquma ukuthi isicelo sabo asinasisekelo. Phambilini uMathunjwa akazange akufihle ukuthi i-Amcu idla ngankezonye ne-Economic Freedom Fighters (EFF) ngoba ethi yiqembu likaMnu uJulius Malema kuphela elama nabantu baseMarikana kwaze kwaba sekugcineni emuva kokubulawa kwabavukuzi ababengenele isiteleka samaholo ngoNcwaba wezi-2012.

Embikweni welaboHlanga wakamuva waveza ukuthi izinkulumo zakamuva zikaMathunjwa zizwakala njengezomholi  okungathi usenemizwa yeqembu elisha elixebuke ku-African national Congress uMkhonto Wesizwe (MK) eliholwa nguMnu uJacob Zuma.

See Also

Ekhuluma kweminye yemihlangano ye-Amcu uMathunjwa wazwakalisa ukuthi kuyaxaka manje uma uZuma esephenduke intandokazi ekubeni kwakuyibo abantu ababethi ugcwele inkohlakalo. “Uma sizobheka nje ngaphambi kokuthi uZuma axoshwe ebusuku izinto zazihamba kahle ezweni. Kunjani nje manje, konke okuningi obese kukhona kuyalimala, kuphela nemisebenzi,” kusho uMathunjwa enkulumweni eyananelwa ngehlombe nenhlokomo.

Kukhona ukukhuluma okuthi uMathunjwa useya ngalapho umoya uvunguzela ngakhona ngenhloso yokugcina i-Amcu isemandleni ezimayini ngokuthi izihlanganise neqembu elibonakala njengeliyintandokazi kubavoti kulesi sikhathi. Isinyathelo sikaMathunjwa skuzihlanganisa neMK siphendule umbuzo wokuthi kungenzeka yini ukuthi uMathunjwa atholele i-Amcu ikhaya elisha kuMkhonto Wesizwe.

Scroll To Top