Now Reading
IDA ithi nangale kokhetho izokuphikisa ukuphakwa kwamasosha emazweni
Dark Light

IDA ithi nangale kokhetho izokuphikisa ukuphakwa kwamasosha emazweni

IDemocratic Alliance ithi nangale kokhetho izoqhubeka nokufaka ingcindezi ekutheni uHulumeni ozophatha ukuba uhoxise abombutho wezokuvikela kuleli emazweni angaphandle ukuze ugxile ekuvukeleni imingcele yakuleli.

Leli qembu lithi yiqiniso elaziwayo ukuthi iSouth African National Defence Force (SANDF) ayimile kahle ngakwezezimali kodwa isebenzisa yona lemali engekho ezintweni zamanye amazwe. 

Omele iDA Kwezokuvikela uMnu uKobus Marais uthi esikhundleni sokugxila ekuthumeleni amasosha ngaphandle, iNingizimu Afrika kumele ivuselele uMnyango Wezokuvilela ngokutshala izimali nokulondoloza kubuchwepheshe besimanje bezokuvikela nokuzihlela kabusha okuyikho okuzosho ukuthi elakuleli lisadinga yini ukuthi amasosha athunyelwe kwamanye amazwe. Amasosha akuleli ayingxenye yombutho wezokuvikela wamazwe angaphansi kweSouthern African Development Community (SADC) osekuphele unyaka wesili etshalwe eCabo Delgado eMozambique ekuvikeleni uhulumeni kaMengameli uFilipe Nyusi kumavukelambuso. 

Ngonyaka odlule uMengameli uCyril Ramaphosa uphinde wathumela amasosha akuleli eDemocratic Republic of Congo (DRC) empini eqhubekayo phakathi kwamasosha kahulumeni namavukelambuso iM23. Amasosha amabili akuleli asala enkundleni elalelwa unyendle. UMarais uthi uma kungahlelwa ngendlela izinto isabelomai sisetshenzise ngendlela kuphinde kube nohlelo olucacile ngenhloso yenqubomgomo namazwe angaphandle kungalekelela ekutheni noma yisiphi isinyathelo esithathwayo ekutshalweni kwamasosha ngaphandle kwakuleli kube wukuthi asiphambani noMthethosisekelo wezwe. 

Uthi indlela osuphethwe ngayo lo Mnyango isihluke kakhulu kulokho owaye uyiyo ngaphambi kowe-1994 njengoba sekuhamba phambili ipolitiki kunokuvikelwa kwezwe. “Umbutho wezokuvikela kumele ube uhlaka lokweseka inqubomgomo yezokuxhumana namazwe angaphandle, ngesikhathi esifanayo ukwazi nokuba bukhali lapho izwe lingaphansi kokusatshiswa. Ukuthunyelwa nje kwamasosha okungalizuzisi ngalutho izwe ngoba kufezwa izinhloso zezepolitiki kufana nokubuyisela emuva izwe”.

See Also

Uthi kuyichilo nokuthi amasosha atshalwe eDRC awanazo izindiza ezinophephela emhlane ezakhelwe ukubhekana nesimo sakhona kodwa kuyaqhutshekwa nokutshalwa kwamasosha kuleliya lizwe.

IDA ithi kubeka engcupheni impilo yezingane zabantu ukuthunyelwa kwazo empini yamanye amazwe zinganikiwe incazelo egcwele futhi zingahlomile ngendlela.

Scroll To Top