Ngesikhathi intsha eningi yaseNingizimu Afrika isiwabheke ngabomvu amaholidi kaZibandlela, kodwa eyakumkhandlu uMasipala wasoPhongolo imatasa ibhalisela ukuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme ngonyaka ozayo.
UMafa "Wele" Zuma ozobe ecija isikwati seTheku kunobhutshuzwayo kumaSalga KZN DSAC Games, uvuma ingcindezi abhekene nayo yokuqeda ishobolo leminyaka.
IMeya yesiFunda uMzinyathi uPetros Ngubane uveze ukuthi unethemba lokuthi lesisiFunda sizokwenza kahle emidlalweni yaminyaka yonke yamaSALGA KZN DSAC Games.
IKwaMashu Durban Knight FC engelinye lamaqembu agijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League, kuvela ukuthi isihlukene noSimphiwe Nzama obengumqeqeshi.
IMilford FC yandise amaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal azoba yingxenye yeNedbank Cup.
Njengoba iTheku lilungiselela amaholidi kaKhisimusi, uMasipala weTheku uzoqinisa isandla ekuqinisekiseni ukuphepha kwezakhamuzi nezivakashi ngokulandela amasu okungenelela.
Izinhlangano eziningi ezisekela idemokhrasi e-Eswatini kuleli sonto zizongena emigwaqweni yasePitoli.
Umqeqeshi weBanyana Banyana uDkt Desiree Ellis uthi yize behluliwe emdlalweni wobungani kodwa ubona bedlale kahle kakhulu.
ISenegal ngeSonto igubhe iminyaka engama-80 kwabulawa amasosha ayo ayelwela iFrance ngesikhathi seMpi Yomhlaba Yesibili.
UPitso "Jingles" Mosimane uzobhekana nesivivinyo esinzima.
UMengameli waseKenya uWilliam Ruto izolo uthe yena noMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni bazosiza ekuxazululeni ingxabano ephakathi kwe-Ethiopia neSomalia odabeni olusabisa ngokudicilela phansi isifunda sase-Afrika.
Bazosizwa ngendaba isizungu abathandi besibhakela baKwaZulu-Natal namaphethelo.
I-South African Communist Party (SACP) ithi isinqume ukungenela ukhetho loHulumeni Bezindawo lwangowezi-2026 (LGE) ngokuzimela.
Kulindeleke ukuthi kubanjwe umhlangano ophuthumayo phakathi kweCrime Prevention and Security Cluster kanye noMnyango Wezezimbiwa.
Ukuphikwa imiphumela kukaBrandon Truter kuyimbangela ekutheni aphume ngesango kwiRichards Bay FC.
Uhulumeni waseChad uthe ngoLwesine ususiqedile isivumelwano sabo sokubambisana kwezokuvikela neFrance.
Ikhomishini yezokhetho eNamibia ithi ithwale kanzima izolo ngenani eliphezulu labantu abaphume izolo ukuyavota.
Ezinye izingqapheli zithi ukuqhubeka kwengxabano emphakathini phakathi kwe-EFF kanye noMkhonto weSizwe kungase kuthene amandla i-Progressive Caucus ePhalamende.
Injabulo kuNozipho Ntshangase waseNseleni eceleni kwaseRichards, kufezeka iphupho layo lokuthi yenze umqhudelwano.
Ujabule wabuyela nganeno umqeqeshi weKaizer Chiefs FC uNasreddine Nabi emva kokuthi behlule iRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership.
I-ANC Women’s League ibe nesithangami nabezindaba izolo ngaphambi kwemashi yayo emayelana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ngoLwesihlanu ePitoli.
Ilungu elisha loMkhonto weSizwe Party (MK) uDali Mpofu uthi iqembu ngeke lingene ezingxabanweni esidlangalaleni namanye amaqembu ezepolitiki.
Imvula enamandla eThekwini iphazamise usuku lokuqala lo mdlalo weTest ophakathi kwamaProteas neSri-Lanka.
Kugqame uMohau Nkota ngesikhathi i-Orlando Pirates inqoba ngamagoli amabili kwelilodwa ekuhambeni.