UNgqongqoshe uzokwethula indlela entsha yokuvala imigodi yezimayini
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kulindeleke ukuthi kubanjwe umhlangano ophuthumayo phakathi kweCrime Prevention and Security Cluster kanye noMnyango Wezezimbiwa.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu uSenzo Mchunu ufuna ukwethula indlela entsha yokuvalwa nokulungiswa kwezimayini ezinabanikazi bamalayisensi akhona. UMchunu ubeseseshini yokuxoxisana nababambiqhaza kanye nombiko wenqubekelaphambili eStilfontein eNorth West.
Inhloso bekuwukudingida izindlela ezingasetshenziswa zokubuyisa isibalo esingaziwa sabavukuzi abangekho emthethweni abasangaphansi komhlaba kusukela kwaqiniswa u-Operation Vala Umgodi.
Umholi womphakathi uThembile Botman uthi, “Uhulumeni wethu unesibopho sokujezisa wonke umuntu onamalungelo okumba uma kuvalwa, ngoba lowo muntu kufanele afake isicelo sokuvalwa, futhi kunezimali zokuvuselela ezizofakwa ebhange lapho ukuze kulungiswe le mayini. . Ngakho-ke lolu daba lwanamuhla, akumele luqhamuke sengathi yinto evele yavela nje.”
Ngesikhathi sokuxoxisana nezinhlaka ezahlukene e-Stilfontein, uNgqongqoshe uMchunu uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi uhulumeni uzowahlela kabusha amasu akhe avele ekhona.
“Kuvunyelwene ngokuthi uNgqongqoshe uMantashe, emhlanganweni olandelayo we-JCPS, othathwa njengophuthumayo, kumele alethe i-Minerals Council of South Africa. Okwesibili kumele eze azokwethula mayelana nezinqubo zezandla asethuthuke kuzo mayelana nokuzithuthukisa, uma zingaqediwe. Kufanele bethule indlela entsha mayelana nokuvala imigodi yezinkampani eziphethe amalayisensi njengamanje. Uma sebeqedile abakwenzayo, kumele bavale kanjani.”