Now Reading
Ayapheka ayathulula kubaqeqeshi amaqembu akwiSAFA KZN ABC Motsepe League
Dark Light

Ayapheka ayathulula kubaqeqeshi amaqembu akwiSAFA KZN ABC Motsepe League

IKwaMashu Durban Knight FC engelinye lamaqembu agijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League, kuvela ukuthi isihlukene noSimphiwe Nzama obengumqeqeshi.

Lezi zindaba zivezwe isitatimende esikhishwe ilona leli qembu elizinze KwaMashu.

“Okuhambise uNzama ukuphikwa imiphumela kusukela iqalile isizini, sikhona nesinye isizathu engingeke ngathanda ukuthi ngisidalule” kusho uMthombo.

Kwisitatimende akuvelanga ukuthi ngabe imbangela yokuhamba kwalo mqeqeshi oseke waqeqesha iNathi Lions yeNkosi uNathi Maphumulo.

Leli qembu elingomakoti emva kwemidlalo eyi-9 linqobe kathathu, lahlulwa kathathu ladlala ngokulingana kathatha lokhu kulenza libe namaphuzu ali-12 endaweni yesi-7 kulogi.

Ngempelasonto edlule libhaxabulwe ngamagoli ayisithupha eqandeni, lapho kade litholene phezulu noMkhambathi FC osayinqobe yonke imidlalo yayo eyi-9 kule sizini.

Izintambo zizobanjwa uPhilani “Maoti” Shange okade eyisekela lakhe uNzama.

See Also

UShange owazakhela udumo kwiLamontville Golden Arrows esangumdlali, uke wazibamba izintamba njengomqeqeshi kwi-GWP Friends.

Ngeledlule iSummerfield Dynamos edlala kuyo le ligi nayo yahlukana nabaqeqeshi bayo okunguClaude Tarin, uThabani Zondo kanye noSandile Zuke. Nabo labaqeqeshi babephikwa imiphumela.

Amanye amaqembu kule sizini asehlukane nabaqeqeshi uMsinga United (Thobela Bikwani), Muzi King Masters (Kai Kai Mhlungu), Ditlou FC (Mafa Zuma), Njampela FC (Tshepo Motsoeneng).

Scroll To Top