Ukuxabana kweZitoyitoyi noMkhonto esidlangalaleni kukhubaza aphikisayo: umhlaziyi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ezinye izingqapheli zithi ukuqhubeka kwengxabano emphakathini phakathi kwe-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye noMkhonto weSizwe (MK Party) kungase kuthene amandla i-Progressive Caucus ePhalamende. Lokhu kulandela ukugadla ngqo komholi we-EFF uJulius Malema muva nje ebhekise kumholi we-MK Party uJacob Zuma.
Ubudlelwano phakathi kwalamaqembu bube muncu ngemuva kokuthi amalungu amaningana eZitoyitoyi, okuhlanganisa noFloyd Shivambu, owayengusekela mongameli kanye nomsunguli we-EFF eshiye leliyaqembu wajoyina iMK. UMalema usememezele iqembu likaJacob Zuma iMK Party njengesitha esikhulu seqembu lakhe.
Kodwa-ke, umhlaziyi wezepolitiki uDkt uLevy Ndou uthi lokhu kungase kubhebhethekise ubudlelwano obuvele bushubile phakathi kwamaqembu amabili angakwesokunxele futhi kwenza isimo sawo sibe buthakathaka ngokumelene nohulumeni wobumbano obusa izwe.
“Lezi zigigaba ezingezinhle zinamandla okuthena amandla amaqembu aphikisayo ePhalamende futhi enye yezinto engiyibona ikhathaza kakhulu abantu wukuthi abantu abaningi bebengalindele ukuthi i-MKP izokhankasa bese inxenxa amalungu e-EFF eqenjini futhi lokho kuyavela ukuthi kube yiwona mthombo omkhulu wokungezwani okwenzekayo.”
Khonamanjalo, lowo owayeyilungu le-African National Congress (ANC) kanye neCongress of the People, uDennis Bloem, uthi i-EFF ne-MK Party lokhu abakwenzayo ukudlala entendeni yesandla yalabo lamaqembu aphikisana nabo.
Ugcizelela ukuthi ukuxabana kwabo emphakathini kuzokwenza buthaka isikhundla sabo ePhalamende likazwelonke. “Ukuthukana nokubizana ngamagama phakathi kwe-EFF neMK Party kudlala ezandleni zezitha zabo. Ukuze noma iyiphi intando yeningi iphumelele, leyo ntando yeningi idinga ukuphikiswa okuqinile nokunamandla ukuze uhulumeni ajeze makufanele.”kuchaza uBloem.