URonwen Williams ongukaputeni weBafana Bafana neMamelodi Sundowns ethubeni lokuba anqobe imiklomelo emqoka kumaCAF Awards.
UNobhala-Jikelele we-United Nations (UN) u-António Guterres uthi udweshu lwaseSudan lubhebhezelwa abantu abangaphandle kwezwekazi.
Umholi weBuild One South Africa (BOSA) uMmusi Maimane uthe indlela uhulumeni asingathe ngayo indaba yamanzi ekhona ikakhulukazi eDolobheni laseGoli.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA) uVelenkosini Hlabisa uthi umnqamulajuqu wokubhalisa ama-spaza shop njengokusho kukaMengameli uCyril Ramaphosa uzophela ngesonto elizayo ngoLwesibili hhayi namhlanje.
USihlalo we-Inkatha Freedom Party (IFP) esifundazweni iKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uthi sebeqalile ukuzilungiselela ukhetho olubalulekile loHulumeni basekhaya oluzoba ngowezi-2026.
Uphika neyokuthi akaze anqabe ukuya kwiChiefs, ayikaze ikhulume naye.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uvumile ukuthi likhona izinga eliphezulu lobugebengu waphinde wagcizelela ukuzibophezela koMnyango ukulwa nalokhu.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-SACP iphikisane ne-African National Congress (ANC) ehola i-GNU.
Iqembu uMkhonto weSizwe (MK) lithi selililungele icala layo elibhekene neKhomishini yoKhetho yaseNingizimu Afrika (IEC) lokubeka eceleni imiphumela yokhetho lukazwelonke lwangoNhlaba ngenxa yezinsolo zokukhwabaniswa kwamavoti.
Wayezoba umdlali wokuqala emlandweni kwiChiefs ukuqukula indebe yeCaf Champions League njengoba wayengukaputeni.
USihlalo weKhomishana yabaSebenzi bakaHulumeni, uSolwazi uSomadoda Fikeni, uthe uhulumeni ubhekene nenkinga yokushoda kokuthenjwa ngabantu.
Izimpi ziyashuba phakathi kwamasosha kahulumeni namavukelambuso e-M23 empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC), naphezu kwesivumelwano sakamuva esihlose ukubuyisa ukuthula esifundeni esikhungethwe yizimpi.
I-African National Congress (ANC) ithi izobiza umhlangano weNational Executive Committee (NEC) ekuqaleni kukaMasingana ukubheka ikusasa lamaProvincial Executive Committees (PEC) eqembu KwaZulu-Natal naseGauteng.
UMinenhle Mshengu ongunozinti weqembu eligijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League iMidlands Wanderers FC, uveza ukuthi kwamkhuthaza kakhulu ukubona uzakwabo esayiniswa i-Orlando Pirates.
Amaphoyisa aseNorth West athi bayi-1 420 abavukuzi abangekho emthethweni abaphume ngaphansi komhlaba.
IDemocratic Alliance (DA) ithi nakuba uMengameli enegunya lokuqasha nokuxosha iKhabhinethi yakhe, kufanele akhumbule ukuthi i-African National Congress (ANC) iqembu lakhe alinqobanga ukhetho ngeningi (majority).
Kubulawe abantu abayi-110 ngempelasonto emijondolo yaseHaiti.
UNetumbo Nandi-Ndaitwah, uthi ukubhekana nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi ezweni kuseqhulwini ezinhlelweni zakhe.
UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthembise ukusebenzisana nomasipala abathwele kanzima kuleli.
IKhabhinethi isivikele izinguquko zekhabhinethi zakamuva zikaMongameli uCyril Ramaphosa.
Izikhulu zakwa-Eskom zithi ziyathemba futhi ziyakholwa ukuthi kulamaholidi kaKhisimusi nobusika obuzayo ngeke ucime ugesi.
Umholi we-ActionSA ePhalamende, u-Athol Trollip, uthi njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa udaba lwePhala Phala lusayijoka kuye kusho ukuthi akazimisele ngokuthathela izinyathelo ezinqala izikhulu ezithinteka enkohlakalweni.
Inhlangano ezimele, iDefend our Democracy ithi isinqumo sokuyisa uNgqongqoshe uThembi Simelane eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu, esikhundleni sokumxosha, siwukungalungi ezweni.
Ube impumelelo umcimbi obuhlelwe iMeya yoMkhandlu kaMasipala INkosi Langalibalele wokubungaza abasebenzi abangaphansi kohlelo olwaziwa nge-EPWP.