Umqeqeshi beBanyana Banyana uncoma abadlali bakhe yize behluliwe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weBanyana Banyana uDkt Desiree Ellis uthi yize behluliwe emdlalweni wobungani kodwa ubona bedlale kahle kakhulu.
Elakuleli lkulo mdlalo lihlulwe ngamagoli amathathu kwambili iJamaica, kobubanjelwe eMount Bay, eJamica izolo kusihlwa.
Lona bekungumdlalo wokugcina weBanyana Banyana kulo nyaka njengoba iqhubeka nokuluzingiselela ukuvikela iWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON) ezokuba ngonyaka ozayo.
ULinda Motlhalo uyena otholele iBanyana Banyana igoli lokuqala ngomzuzu we-19, iJamaica ngesiwombe sesibili ibuye ngenye indlela njengoba ikwazile ukuthola amagoli amathathu. Amagoli eJamaica eze noVyan Sampson ngowama-58, uDrew Spence ngomzuzu wama-63 kwaba uKayla McKenna ngowama-76.
U-Amogelang Motau ngesikhathi ebesingezwe unompempe ukwazile ukutholela iBanyana Banyana igoli lesibili.
“Sidlale ngendlela ebesifuna ngayo yize besingenaye umgadli, ngenxa yezinguquko ezenzakalile kodwa ngikholwa wukuthi abadlali benze kahle kakhulu namuhla (Izolo). Besazi ukuthi iJamaica izoza kuthina iqinile, sibe sesishintsha amaqhinga ethu okudlala ngenhloso yokukwazi ukubhekana nayo. Abadlali bethu basigcinile isimo sokudlala kweqembu, emumva sikwazile ukudlala kahle naphambili ngokunjalo” kusho uDkt Ellis.
IBanyana Banyana izosuka namuhla eJamaica izoze ifike lapha eNingizimu Afrika ngoLwesine.