ISenegal ifuna izimpendulo ngemuva kweminyaka engama-80 kwabulawa amasosha ayo yiFrance
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISenegal ngeSonto igubhe iminyaka engama-80 kwabulawa amasosha ayo ayelwela iFrance ngesikhathi seMpi Yomhlaba Yesibili, futhi adutshulwa amasosha aseFrance ngowe-1944 ngoba efuna ukuphathwa ngendlela efanele kanye nenkokhelo uma esebuyela emakhaya.
Sekuyisikhathi eside lelizwe eliseNtshonalanga Afrika lifuna lelizwe(France) elalilihola ngaphansi kobukoloni ukuthi liziphendulele, lixolise ngokusemthethweni futhi liphenye kahle isibhicongo esenzeke eThiaroye, edolobheni lokudoba emaphethelweni enhloko-dolobha yaseSenegal iDakar.
Lo mcimbi, ovuselele lezi zimfuno, uqhamuka njengoba iFrance isiphelelwa amandla emazweni eyayiwabusa ngobukoloni e-Afrika, iningi lawo seliphendukele kwiRussia ukuze avikeleke. Imibiko ngalesibhicongo iyashintshashintsha,ngisho inani lababulawa, lapho owayengumongameli waseFrance uFrancois Hollande aphakamisa okungenani isibalo kuma-70 kusuka kuma-35 ngesikhathi evakashele e-Thiaroye ngowezi-2014. Izazi-mlando zithi izibalo zababulawa zingase zibe phezulu kakhulu.
Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwalesi sikhumbuzo, uMongameli waseFrance u-Emmanuel Macron wabhala incwadi yomphakathi eya kumlingani wakhe waseSenegal u-Bassirou Diomaye Faye lapho abiza khona lesisigameko “njengesibhicongo” okokuqala. U-Hollande ngowezi-2014 wayichaza “njengenhlekelele embi”, kodwa wabuye wayibiza ngesibhicongo engxoxweni nomsakazi waseFrance ngenyanga edlule.
Lo mcimbi, ungqongqoshe wezangaphandle waseFrance abewuhambele kanye nabanye abaholi bamazwe ase-Afrika, uqale ngokuvakashela emathuneni amasosha aseThiaroye ukuyobeka izimbali.
Umhlahlandlela ophrintiwe womcimbi uchaze “ingcindezelo enyantisayo” yamalungu ophiko lwamasosha aseSenegal, azungezwa futhi adutshulwa ngenxa yokucela isinxephezelo osiwafanele.
Okwenzeka kulesibhicongo namanje kakukaziwa konke kahle, iFrance isolwa ngokuqamba amanga nanokufihla amarekhodi. Kube nengcindezi yokuvumela ukuseshwa kwamathuna amasosha abulawa lapho osomlando bakholelwa ukuthi amasosha ase-Afrika angafika kwama-400 angcwatshwa.
UMacron encwadini yakhe uthe iFrance ibambisene nekomiti laseSenegal ukuthola iqiniso. “Kube nemizamo eminingi yokuqeda le ndaba,” kusho uFaye ephendula incwadi kaMacron. “Sicabanga ukuthi kulokhu ubudlelwano beFrance buzobe buphelele, bukhululekile futhi buhlangene.”