IChad igqashule isivumelwane neFrance sezokuvikela
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Uhulumeni waseChad uthe ngoLwesine ususiqedile isivumelwano sabo sokubambisana kwezokuvikela neFrance, okuyisinyathelo esingenza amasosha aseFrance ashiye leliyalizwe elimaphakathi ne-Afrika.
Esitatimendeni, esikhishwe uMnyango Wezangaphandle waseChad sithe, lelizwe elinguzakwabo obalulekile wamazwe aseNtshonalanga ekulweni nezidlamlilo zamaSulumane esifundeni, lifuna ukukhombisa ngokugcwele ukuzimela kwalo ngemuva kweminyaka engaphezu kwamashumi ayisithupha yenkululeko.
IChad ithe isinqumo sokuqeda isivumelwano sokubambisana kwezokuvikela esabuyekezwa ngowezi-2019 sizoyenza ikwazi ukuchaza kabusha ubudlelwano bayo obunamasu. I-Chad ibambisane kakhulu namasosha ezizwe zaseNtshonalanga esikhathini esedlule, kodwa iye yasondela eRussia eminyakeni yamuva nje.
Lesi sinqumo singesinye sezipikili zokugcina esingcwaba indima yomlando wobukoloni beFrance emazweni aseNtshonalanga Afrika kanye nemaphakathi ngemuva kokuphoqwa ukuthi ikhiphe amasosha ayo eMali, eNiger naseBurkina Faso kulandela ukuketulwa kombuso ngamasosha.
Imibutho esihola lamazwe selokhu iphendukela eRussia, enamasosha agcwele sonke isifunda saseSahel, okuyiqembu lamazwe asuka enyakatho-ntshonalanga ye-Afrika kuya ogwini olusenyakatho-mpumalanga, futhi ibilokhu iqinisa ubudlelwano obuseduze noMongameli waseChad uMahamat Deby.
UMnyango Wezangaphandle waseFrance awutholakalanga ukuthi uphawule.