Zithe chithi saka izimpi zesibhakela KwaZulu-Natal
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Bazosizwa ngendaba isizungu abathandi besibhakela baKwaZulu-Natal namaphethelo njengoba bezovala unyaka ngegiya eliphezulu ngokuhlelelwa imiqhudelwano yokuvala unyaka.
Ngomhla zili-15 kwephezulu mabombo azobheka eMoth Hall, eDundee lapho iHlula Dladla Promotions ihlele izimpi ezizoholwa eyesicoco esingaphethwe muntu se-World Boxing Federation (WBF) International Junior Welterweight. Kwimpi ezobe ibhekwe kakhulu ngekaSakhile Hlatshwayo waseDundee no-Anele Lubisi waseMpumalanga.
UDkt Hlula Dladla wazise elaboHlanga ukuthi lezi zimpi zizoshiya abantu bebambe ongezansi, kwazise kuzobe kuqhuma isibhakela esinenkosi phakathi.
Kwenye impi ezoba khona ngekaNhlakanipho Kunene noSiyanda Makhoba, abavamise ukushiya abalandeli befuna impinda ngenxa yompentshisi abawuthelayo
Emva kwezinsuku ezimbili amabombo azeobe esebheka ePietermaritzburg City Hall, lapho kuzobe kunezimpi zabesifazane bodwa.
Lezi zimpi zihlelwe ngokuhlanganyela ophromotha besifazane baKwaZulu-Natal abane lapho kubalwa uNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing Promotios uNomfundo Malinga weSugarboy Boxing Promotions, uZandile Malinga weStarline Promotions noHlengiwe Sithole weHle Jobe Promotions.
Impi yosuku ngekaThema “Stone Cold” Zuma ozovikela izicoco saseNingizimu Africa kwi-Junior Bantamweight kuNosiacwase “Golden Girl” Dube. Kulezi zimpi kulindeleke kubonakale namabhokisa anohlonze njengoMapule “Thunder” Ngubane waseMgungundlovu kodwa osezinze eGoli. UMapule ungumpetha kuzwelonke kwi-Middleweight kodwa ngosuku lomqhudelwano uzobe engalivikeli leli bhande lakhe.
Kuzobe sekuvalwa unyaka ngomqhudelwano wozokuba seStanger Town Hall, mhla zingama-20 lapho iLudonga Boxing Promotions kaZwilenkosi Magudulela neTap Tap Boxing Promotions kaCebisa Makhathini beqhathe ngokuhlanganyela.
Impi yosuku eyebhande elingaphethwe muntu le-supermiddleweight phakathi kukaWendy Gcadu waseLindelani no Noxolo Mkhasibe waseLamontville.
Le mpi izobhulelwa amazolo ngeyebhande elingaphethwe muntu lase-KZN welterweight phakathi kukaPhumelele Ngcobo noThabiso Mthembu.