IMeya yaseMzinyathi ifuna bebaqwaqwade bonke oMasipala emidlalweni yamaSalga
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IMeya yesiFunda uMzinyathi uPetros Ngubane uveze ukuthi unethemba lokuthi lesisiFunda sizokwenza kahle emidlalweni yaminyaka yonke ebizwa ngokuthi iSouth Africa Local Government Association (Salga) KZN DSAC Games.
Le midlalo nonyaka ezobanjelwa eThekwini kulindeleke ukuthi iqale namuhla isongwe mhla ziyi-8 kwephezulu.
Izolo uNgubane uhlangane neqembu eliyomela isiFunda uMzinyathi eKhanyisa Hostel eGlencoe eDundee, ngaphambi kokuthi lilibhekise eThekwini namuhla. Inhloso bekuwukhi akhulume nayo yonke intsha kanye nabaqeqeshi, ukuba behambe kahle ohambeni lwabo.
Iqembu laseMzinyathi lingenele iminxa eli-13 emidlalweni kweli-16 ezobe idlalwa.
“Ngifisela wonke amaqembu azomela uMzinyathi kuyona yonke iminxa uhambo oluhle oluya eThekwini. Ngonyaka owedlule salala isibili siqwaqwada inqwaba yoMasipala, kulo nyaka ngifisa nithi ukunyusa amasokisi sibe ompetha bale midlalo silehlule ngisho osokhaya okuyiTheku. SiyisiFunda sisemuva kwenu ukuniseka ngayo yonke indlela ngicela nifike nibakhombise ukuthi ikhono into esinayo siwole izindondo,” kusho iMeya.
lminxa okubhekwe ukuthi lesiFunda sidle kuyona umhlanganiso kuyo, ezokusubatha , amankomane, iKarati, iVolleyball kanye nombhoxo.
Le midlalo izovulwa ngomcimbi omkhulu ozoba seMoses Mabhida Stadium namuhla emini kusukela ngele-14:30 lapho kuzokwethulwa khona wonke amaqembu. Kuhlelwe nezinye izinhlobo zokunandisa ezizothokozisa abazothamela lo mcimbi okuzongenwa mahhala kuwona.
Ngenxa yobuningi bemidlalo, kuzosetshenziswa izinkundla ezisezindaweni ezizungeze iTheku. Ezokusubatha zizobanjelwa eKings Park Athletic Stadium naseWestville Country Club, iBasketball izoba seHoy Park, amankomamane zokuba seMlazi Indoor Sports, iChess idlala e-Durban ICC.
Unobhutshuzwayo wabesilisa nabesifazane uzodlalelwa eHoy Park, Sugar Ray Xulu Stadium, Princess Magogo Stadium naseChristiansburg Stadium. Umbhoxo uzodlalelwa eVarsity College (Durban North), iKarate e-Extension 3 Community Hall bese iNetball idlalelwe eHoy Park.
ITabble tennis izodlalelwa KwaMashu Indoor Sports Centre, iTennis idlalelwe seWestridge Stadium, bese i-volleyball idlalelwe eDurban University of Technology (DUT) eSteve Biko Campus.