Izinhlangano ezisuka e-Eswatini zizomasha ePitoli ngoLwesine
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izinhlangano eziningi ezisekela idemokhrasi e-Eswatini kuleli sonto zizongena emigwaqweni yasePitoli, zifuna inkululeko eyengeziwe kwezombusazwe kanye nezinguquko ezweni lazo.
Imashi izoba ngoLwesine, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Justice 4 Swaziland”, esibandakanya izinhlangano zomphakathi ezingaphezu kwe-10. Ababhikishi bazomasha besuka e-Union Buildings baye eKhomishini Ephakeme yase-Eswatini.
Izimfuno zabo zihlanganisa ukudedelwa kwazo zonke iziboshwa zezombusazwe, uphenyo oluzimele lokubulawa kwabaholi bezombusazwe kanye nokuvulwa kwawo wonke amaqembu ezombusazwe.
UQhawekazi Khumalo ongumgqugquzeli weSwazi Lives Matter, uthe “Ukubaluleka kwemashi wukugcizelela izimfuno zabantu baseSwatini, njengoba sazi ukuthi ubukhosi bokugcina obuphelele e-Afrika bukhona eSwatini futhi abantu bafuna izinguquko kwezepolitiki, uhlelo okwamanje olubuswa umndeni futhi bacela uguquko, mayelana nentando yeningi yepolitiki yamaqembu amaningi ukuthi yamukeleke ezweni. Futhi, sigqamisa ngempela isimo seziboshwa zezombangazwe, ezidonsa kanzima ejele, njengesijeziso kuzo ngenxa yokulwela idemokhrasi noshintsho embusweni wamanje.”