Now Reading
Isiqalile intsha ukubhalisela ukuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme
Dark Light

Isiqalile intsha ukubhalisela ukuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme

Ngesikhathi intsha eningi yaseNingizimu Afrika isiwabheke ngabomvu amaholidi kaZibandlela, kodwa eyakumkhandlu uMasipala wasoPhongolo imatasa ibhalisela ukuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme ngonyaka ozayo.

Kusukela ngoMsombuluko kwaze kwaba izolo ngoLwesithathu, bekuzenhlelo okubalwa ususondezwa kwamahhovisi akwa-National Student Financial Aid Scheme (Nsfas), abeseNgcotshane khona oPhongolo.

IMeya yoMkhandlu, uMnu uBhekinkosi Thwala
wethule ngokusemthethweni loluhlelo, nokuwuhlelo olubukeka luzothela izithelo ezinhle entsheni.

Kuvele ukuthi lomkhandlu ubeke imali elinganiselwa kwizinkulungwane ezingama-R500 ukulekelela intsha eswele ekutheni ikwazi ukubhalisa.

UMnu Thwala uqinisekise ukuthi bewumkhandlu basazoba nazo izinhlelo ezizobhekana nentsha ngqo, ngoba iyona into eseqhulwini.

See Also

“Izindawo zalapha oPhongolo eziningi zisemakhaya kakhulu, lokho kudala umthelela wokuthi zithwale kanzima ukuthamela izinhlelo ezisuke zihlelwe uHulumeni. Izinhlelo eziningi zigcina emadolobheni, yingakho siqome ukuletha amahhovisi ezinhlaka ezisiza intsha ekutheni ikwazi ukubhalisela ukufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme. Njengoba sibeke izinkulungwane ezingama-R500 ukulekelela intsha eswele, umfundi eyedwa uzokwazi ukulekelelwa nezinkulungwane eziyi-8” kusho uMnu Thwala.

Loluhlelo olufana nalolu nakwisiFunda iKing Cetshwayo seluqalile khona luqale mhla zintathu kuZibandlela luzovalwa mhla ziyisithupha kuMasingana.

Scroll To Top