Now Reading
UZuma ubabaza ithalente esikwatini seTheku esizodlala amaSalga
Dark Light

UZuma ubabaza ithalente esikwatini seTheku esizodlala amaSalga

UMafa “Wele” Zuma ozobe ecija isikwati seTheku kunobhutshuzwayo kumaSalga KZN DSAC Games, uvuma ingcindezi abhekene nayo yokuqeda ishobolo leminyaka.

Uveze ukuthi sekuphele iminyaka emihlanu iTheku ebholeni likanobhutshuzwayo lagcina ukuba linqobe kule midlalo yaminyaka yonke.

Nonyaka le midlalo izobanjelwa eThekwini izoqala namuhla ngoLwesine izoze isongwe ngeSonto ntambama.

“Ngeke ngaqamba amanga ingcindezi inkulu kakhulu ekutheni nonyaka iTheku kumele kube yilo elinqobayo kunobhutshuzwayo. Ngesikhathi ngaziswa ukuthi yimi ozoqeqesha isikwati salapha eThekwini, kungijabulise kakhulu ngoba bekuyinto ekade ngingayilindele. Lokhu kungivezela isithombe sokuthi imisebenzi yami iyabonakala. Okuhle angiqokwangwa umuntu oyedwa kodwa kuhlangane ithimba labantu, ngalokho ngizizwa ngithobeke kakhulu” kusho uZuma.

Lo mqeqeshi unamava amakhulu njengoba esesebenze namaqembu amaningi akwiSafa KZN ABC Motsepe League, lapho kubalwa iGWP Friends, iSummerfield Dynamos, iNewcastle All Stars neDitlou FC.

Ubalule ukuthi eqenjini lakhe bakhona abadlali abanekhono eliyisimanga, okubalwa uThami Ndelu eqenjini elidlala kwi-DDC yeLamontville Golden Arrows, u-Alwande Mngwengwe okweSikhukhune United nakhona kwi-DDC. Kukhona nabadlali abadlala kwiSummerfield Dynamos neKwaMashu Durban Knight FC okungamaqembu adlala kwiSafa KZN ABC Motsepe League.

See Also

“Ikhono esinalo liningi kakhulu, kunabadlali eminyakeni emibili emizayo abazobe bedlala ebholeni elikhokhelayo. Siyitholile imidlalo yobungani lapho sidlale neKZN Academy, iKwaMashu Durban Knight FC naMaZulu FC akwi-DDC. Siyabonga kulamaqembu ngokusinika imidlalo kwazise bekungelula ukuyithola” kubeka uZuma.

UWele odabuka eChesterville usebenze nabaqeqeshi abahlonishwayo esifundazweni iKwaZulu-Natal okubalwa uRonnie Gabriel, uPapi Zothwane, uClaude Tarin, uNhlanhla Zothwane, uMncedisi Sibiya, uDominic Isaacs noClinton Larsen.

“Ukuthola leli thuba lokuqeqesha isikwati seTheku kuzongilekelela kakhulu njengomqeqeshi, ukuphinde ngikwazi ukusebenza nabadlali abancane okuyilapho engaqala khona” esonga.

Scroll To Top