Now Reading
I-MK Party ngeke ingene engxabanweni esesidlangalaleni  namanye amaqembu: uMpofu
Dark Light

I-MK Party ngeke ingene engxabanweni esesidlangalaleni  namanye amaqembu: uMpofu

Ilungu elisha loMkhonto weSizwe Party (MK) uDali Mpofu uthi iqembu ngeke lingene ezingxabanweni esidlangalaleni namanye amaqembu ezepolitiki, ngoba lokhu kuphambene nomthethosisekelo walo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema ememezele i-MK Party njengesitha esikhulu nesisheshayo seziToyitoyi.

Ekhuluma nezintatheli, uMpofu uthe iqembu iMK Party lizohlala lisendleleni yokuhlanganisa amaqembu aphikisayo angaphazamiseki futhi bazolandela umthethosisekelo walo. Ngakolunye uhlangothi, leli qembu lithi iJacob Zuma Foundation iyona ebhekene nezinkinga ezithinta umholi wayo.

Izolo, uMalema udalule ukuthi useyalele abameli beqembu lakhe ukuthi banamathisele(attach) umuzi wowayenguMengameli eNkandla ngenxa yemali ayikweleta i-EFF.

“Igama elithi ukuchukuluza aliveli kimi. Liphuma kumthethosisekelo we-MK. Umthethosisekelo weMK uthi akumelanga singene ezenzweni zenhlamba nepolitiki engasile noma sichukuluzwa” kusho uMpofu.

See Also

Umpofu uthe  yingakho iMK Party ingeke imphendule umholi we-EFF. “Ngakho-ke, yinto abadwebi balowo mthethosisekelo abayibona ingakenzeki. Ngakho, lokho ukuhlakanipha kwabantu ababhala lowo mthethosisekelo. Yikho-ke sithi uma kufika ukuchukuluza abantu bebethi kimi awuphenduli ngithi bafo nginamasonto amathathu nje ngilapha nifuna ngixoshwe ngokwephula umthethosisekelo. ‘” kunezela uMpofu.

Scroll To Top