UMngqithi akekho amsolayo ngokuxoshwa kwakhe kwiSundowns
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UManqoba Mngqithi obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns ukhulume okokuqala emva kokuba ehlukane naleli qembu lasePitoli.
Lo mqeqeshi uhambe kwiSundowns emva kweminyaka cishe eli-12 afika kuyona, isikhathi esiningi ubesenenza njengephini likamqeqeshi.
Ukhulume izolo kusihlwa nomethuli wezinhlelo zemidlalo ohsezakhele igama kuleli uRobert Marawa nalapho aveze khona indlela ahambe ngayo.
“Akubanga yingxoxo phakathi kwethu, iqembu lingazise ngesinqumo esesithathiwe. Angibanga nankinga ngoba imphumela yemidlalo emibili emithathu edlule ibingagculisi. Kuyenzeka ufune ukusola omunye umuntu uma imphumela ingahambi kahle kodwa iqiniso wukuthi senze konke okusemandleni ukunqoba yonke imidlalo. Kowamanqamu neMagesi FC nje uma singadlala izikhawu ezingama-20, singayishaya emdlalweni eli-19. Ngibonga ithuba engilithoile kwiSundowns ngoba sihlalisane kahle eminyakeni edlule. Angifuni ukuba wumuntu ogxila kokubi ngoba nakhu ubudlelwano sebuphelile, iqiniso ukuthi ngibe nesikhathi esihle kakhulu kuleli qembu. Nginqobe izindebe eziningi ” kusho uMngqithi.
Ukuhamba kukaMngqithi bekuyinto ebonakalayo ukuthi izosheshe yenzeke njengoba wahlukela ukunqoba iMTN 8 neCarling Knockout, nangendlela aqale ngayo kwiCaf Champions League.
“Umdlalo weStellenbosch (kwiMTN8) ungikhalisa kakhulu ngoba ngangiqala ukuba umqeqeshi ngokugcwele, asidlalanga kahle neze.
Neminye imidlalo esidliwe kuyo ngiyazi sasingayinqoba ngemiphumela ehlukile kodwa kwangenzeka. Umdlalo obe nzima ngempela ilo wokugcina, lapho besibhekene ne-AS FAR kwiCaf Champions League” kubeka uMngqithi.
Lo mqeqeshi uthe usazohlala ekhaya apholise ikhanda, kodwa abaningi bathi kungenzeka abuyele kwiLamontville Golden Arrows aseke wayiqeqesha phambilini.
Uphinde waphika ukuthi akaze akhulume neKaizer Chiefs. Ngaphambi kokuba iChiefs iqashe uNasreddine Nabi kwakunezinkulumo ezithi uMngqithi uyena ekhuluma naye.
“Angikaze ngikhulume neChiefs. Ngike ngizwe abantu bethi nganqaba ukwamukela umsebenzi. Akulona iqiniso. IChiefs ayikaze izame ukungisayinisa” kusho uMngqithi.