Udaba lwePhala Phala luvimba uRamaphosa ekuthatheni izinqumo: Trollip
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi we-ActionSA ePhalamende, u-Athol Trollip, uthi njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa udaba lwePhala Phala lusayijoka kuye kusho ukuthi akazimisele ngokuthathela izinyathelo ezinqala izikhulu ezithinteka enkohlakalweni.
Lokhu kulandela ukuguqulwa kweKhabhinethi okuholele ekutheni uNgqongqoshe uThembi Simelane asuswe esikhundleni sokuba ungqongqoshe wezobulungiswa wabekwa njengogqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu. USimelane usolwa ngokuba nesandla odabeni lwaseVBS. UTrollip uthi uRamaphosa bekufanele amxoshe noma afake uSimelane ekhefini eliyisipesheli esikhundleni sokumthuthela komunye umnyango. UTrollip uthi lesi bekuyisenzo sobugwala.
“UMvikeli woMphakathi ungibhalele kuleli sonto ethi manje bazophenya ngokubolekwa kwemali futhi ngicabanga ukuthi yikhona okokugcina okwenza umengameli enze lokhu akwenza, okuwushintsho kwikhabhinethi. Engikubize ngobugwala. Ngoba ngendlela uMongameli Ramaphosa asebenza ngayo, esikhundleni sokuthi athathele izinyathelo umuntu othinteka enkohlakalweni, wavele wamkhipha komunye umnyango wayomfaka komunye” kusho uTrollip.
URamaphosa uphinde waqoka uNksz uPhumzile Mgcina njengePhini likaNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi nophethiloli, uJudith Nemadzinga-Tshabalala uqokwe njengePhini likaNgqongqoshe Wezokuqashwa Nezabasebenzi.