Kunconywa abasebenzi baseNkosi Langalibalele abaqashwe ngohlelo lwe-EPWP
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ube impumelelo umcimbi obuhlelwe iMeya yoMkhandlu kaMasipala INkosi Langalibalele, lapho kade ebize bonke abasebenzi abahlomule ngamathuba omsebenzi ngaphansi kohlelo olwaziwa nge-Extended Public Works Programme (EPWP).
Nonyaka lolu hlelo luqeda iminyaka engama-20 njengoba lasungulwa ngonyaka we-1998 nalapha lwabe lubizwa nge-National Public Works Programme (NPWP), ngonyaka wezi-2004 lube selubizwa nge-EPWP.
Lolu hlelo lusize ngempumelelo abantu abasha ngokudlulisela amakhono, lubahlomise ngolwazi oludingekayo ukuze bathole imisebenzi engapheli, luphinde lwenze abanye bakwazi ukungena emkhakheni wezamabhizinisi babe osomabhizinisi abahlonishwayo.
Abasebenzi abathole imisebenzi ngaloluhlelo kunyaka wezimali zika-2024/25 bangama-500. Kulomcimbi obubanjelwe eLambert Park, eStcourt, uMnu Myeza nethimba lakhe babe sebethula izigugula namaloli okulungisa imigwaqo engenela emakhaya kuWard 3 e-Loskop eNyezane Community kuwona loMkhandlu Inkosi Langalibalele.
UMnu uMyeza uncome indlela labasebenzi abawenzi kahle ngakhona imisebenzi akade betsudiwe ukuna bayenze.
“Inhloso wukungashiyi noyedwa umuntu emumva, ngoba into esiyibeke eqhulwini ukuba siqinisekise ukuthi kuyo yonke imizi, kuba nomuntu osebenzayo akwazi ukubeka isinkwa etafuleni. Kuthe uma sifungiswa ezikhundleni sazibophezela ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ethu ukufukula nokuthuthukisa abantu baseNkosi iLangalibalele, ikakhulukazi labo abaphuma emakhaya angahloniphekile nhlobo, kanye nabantu abasha.”
“Sesikwazile ukuqasha isikhashana kubantu abangaphezu kuka-500 kuloMasipala. Laba ngabantu abasisizayo ekuqinisekiseni ukuthi amadolobha ethu agcinwa ehlanzekile nokuthi imiphakathi yethu ihlala ezindaweni ezihlanzekile. Asikwazi ukugcizelela ngokwanele iqhaza elibalulekile elibanjwe yilababantu ekuqinisekiseni ukuthi amadolobha ethu ahlala ehlanzekile ngaso sonke isikhathi, laba ngabantu abaphethe isithunzi soMasipala.”
“Ekuqaleni kwalo nyaka, sithole indondo yokuba ngomunye womasipala abahlanzekile ngaphezu komasipala abangama-54 esiFundazweni saKwaZulu Natali. Lokhu kusho lukhulu ngethimba esilisebenzisile kwi-EPWP yethu. Asingabazi ukuthi uma kwenzeka kuvela amathuba ahlobene nemisebenzi, yibona abazohlomula kuqala ngenxa yokuzinikela kwabo okungapheli ekuqinisekiseni ukuthi isithunzi sikamasipala wethu sigcinwa sisesimweni” kusho iMeya.
UMnu Myeza akakhufihlanga ukuthi bezikhona izinselelo uMasipala obhekane nazo kusukela lwaqala lolu hlelo, enkulu ukufika kwabantu bezokhalaza ukuthi abakhokhelwanga ngesikhathi.
“Ngibonga kakhulu ukuthi kukhona konke sikwazile ukunqoba izinselelo ebesesibhekene nazo. Okumqoka ukubambisana, ukwenza isiqiniseko sokuthi uMasipala wethu uba ilento esiyifunayo” usho kanje.