UNgqongqoshe uMchunu uzibophezele ekulweni nezinga eliphezulu lobugebengu
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uvumile ukuthi likhona izinga eliphezulu lobugebengu waphinde wagcizelela ukuzibophezela koMnyango kanye nawo amaphoyisa aseNingizimu Afrika ukulwa nalokhu.
UMchunu ubekhuluma eSiyabuswa, eMpumalanga, ngoLwesithathu, lapho ehlangane khona nezikhulu zikamasipala nabaholi bomdabu endaweni bedingida ubugebengu, ikakhulukazi udaba lokwebiwa kwemfuyo.
UMchunu uthi nakuba sekunenqubekela phambili ekubuyiseni imfuyo entshontshiwe kodwa kusekuningi okumele kwenziwe ukuze kuthuthukiswe umbono wokuthi iSAPS ibuthaka ekusingatheni amacala okwebiwa kwemfuyo.
“Kumele sihlangane ukuze uma sesiphinda sihlangana sibe nerekhodi elifanele ngalolu daba. Nangempela basitshela ukuthi ubugebengu obukhona lapha, izinhlobo zobugebengu ezikhona lapha, siyazi ukuthi kukhona amacala okubulalana, siyazi ukuthi kukhona amacala e-GBV la, kukhona amacala okwebiwa kwemfuyo, kukhona ukheshi emacaleni okuthutha. Isiphetho sethu ngalokho wukuthi amakhansela abona sengathi kunobugebengu, futhi kumele busukunyelwe.”