UMengameli wesifazane wokuqala eNamibia ufunge ukubhekana nokuntuleka kwemisebenzi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ongowesifazane wokuqala ukuqokelwa kwesobuMengameli eNamibia, uNetumbo Nandi-Ndaitwah, uthi ukubhekana nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi ezweni kuseqhulwini ezinhlelweni zakhe.
Uvela kwiNhlangano ebusayo yasezweni eliseNingizimu Ntshonalanga Afrika (i-Swapo); uNandi-Ndaitwah uzoba uMengameli wokuqala wesifazane wezwe. Uphumelele ukhetho ngamavoti angama-57%. Kuzokhumbuleka ukuthi wayenguNgqongqoshe Wezangaphandle njengoba okwamanje esayiSekela likaMengameli. Uzoqala ngokusemthethweni umsebenzi wakhe wobuMengameli ngonyaka ozayo.
Uthe uyaziqonda izinselelo ezikhona. “Udaba olubalulekile njengoba nazi kuleli ukuntuleka kwemisebenzi. Sekuwumlando ngendlela yokuthi iningi lezinselelo ebesibhekene nazo zinomthelela omubi kubasebenzi.”
Ngesikhathi sokhetho, intsha eningi izwakalise ukukhathazeka ngezinselelo zokuntuleka kwemisebenzi. NgokweBhange Lomhlaba, ngowezi-2023, amaphesenti ali-19.4% abantu baseNamibia bebengasebenzi; inselelo uMongameli okhethiwe okuzomele abhekane nayo.
“Uqasha abantu, ubanike imali yokuziphilisa bese wazi ukuthi ubhekene nenhlupheko. Ubhekene nezindlu ngoba bazokwazi ukuzinakekela. Ngakho-ke ngokweqiniso okwethu ukwehlisa ububha ezweni futhi ekugcineni sibuqede nya.” Kuchaza lowo oqokelwe esobumengameli
U-Nandi-Ndaitwah uthi uzimisele ukuqinisekisa ukuthi izimbiwa zezwe zisetshenziselwa ukusiza abantu baseNamibia. “I-African Union isithathe isinqumo sokuthi okungenani iqale ngamaphesenti ali-15% wezimpahla zokusetshenziswa zase-Afrika okungafanele ziphume ezwenikazi. Uwoyela negesi okungacutshungulwanga kungenye yemithombo yemvelo yase-Afrika,” kugcizelela uNdaitwah.