Now Reading
Impi eSudan igqugquzelwa abangaphandle kwe-Afrika: Guterres
Dark Light

Impi eSudan igqugquzelwa abangaphandle kwe-Afrika: Guterres

UNobhala-Jikelele we-United Nations (UN) u-António Guterres uthi udweshu lwaseSudan lubhebhezelwa abantu abangaphandle kwezwekazi. Uthi amanye amazwe aphakela izikhali emaqenjini alwayo futhi lokhu sekudale izinkinga eziningi eSudan.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-SABC News, uGuterres uthe i-UN isebenza kanzima ukufeza umsebenzi wayo wokuthulisa ukukhala kwezibhamu ezwenikazi lase-Afrika.

“Bheka okwenzeka eSudan, balwa bodwa. Akwenzeki lutho eSudan. Kunamanye amazwe abasekelayo, abanikeze nezikhali. Kukhona le ngxube yezinkinga zangaphakathi nezinkinga zangaphandle. Lesi yisikhathi esinzima lapho sibona khona ukuntuleka kokuziphendulela.”

Khonamanjalo, uGuterres uthe izinhlangano zamazwe ngamazwe zibuthakathaka futhi azikwazi ukuqinisekisa ukuthula emhlabeni. Uthi kuphinde kube nomuzwa wokungajezisi emhlabeni wonke, abanye abantu abayihloniphi imithetho yamazwe ngamazwe, kungenzeki lutho.

See Also

UGuterres uthi kuningi okufanele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi izakhamizi emhlabeni jikelele ziyavikeleka.

“Kunomqondo wokungajeziswa. Okumangalisayo yingoba uhlelo lwezizwe ngezizwe alunamazinyo okubeka izixazululo. I-UN inemisebenzi ethile yokugcina ukuthula uma kunezinhlangano zamaphekula. Uma kunempi akukho ukuthula okumele kugcinwe. Ngakho-ke, amandla abo okuletha ukuthula alinganiselwe kakhulu ukuvikela izakhamizi, nokuqinisekisa ukuthula lapho kungekho khona.”

Scroll To Top